Isifakwe ezithebeni zeNkantolo yaseWestern Cape eyabaxoshwe uMkhonto ePhalamende 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMholi woPhiko lwabaFundi abadlelana noMkhonto weSizwe Party uselifake enkantolo yase-Western Cape leli qembu nabanye axoshwe nabo ePhalamende njengoba bephonsa inselelo ngalesi sinqumo.

UMnuz Thami Khuzwayo ungummangali wokuqala ohlwini lwamaphepha afakwe namhlanje ngoMsombuluko enkantolo kanti bayishumi sebebonke abanqume ukuyoyilwa enkantolo indaba yokuxoshwa kwabo.

Lokhu kulandela ukuthi emasontweni edlule uSotswebhu weMkhonto uMnuz Sihle Ngubane ebhalele uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko maMsane-Dididiza ukuthi sebeyawakhipha ePhalamende amalungu abo angu-18.

La malungu okubalwa kuwo noKhuzwayo akhala ngokuthi kuthe elungiselela ukuhlala kwePhalamende atshelwa uSomlomo ukuthi awangabe esangene ngoba iqembu selibakhiphile ePhalamende.

Nokho akucaci kulaba abanye abayisishiyagalombili ukuthi ngabe bona  bayakweseka yini ukuyolwa neqembu enkantolo.

Ngemuva nje kokuba bexoshiwe uKhuzwayo uveze ku-Whatsapp Group yeqembu ukuthi bakhishwa nje bebevele bephathiswe okwezilwane ePhalamende, bekhishwa inyumbazane kungathi abawona ngisho amalungu eqembu.

Uthe bebehlukunyezwa yibo ubuholi bephethwe ngendluzula.

UKhuzwayo uke watholana phezulu nobengumholi wentsha yoMkhonto uMnuz Bonginkosi Khanyile obemsola ngokuthi uyimpimpi kaMnuz Jabulani Khumalo osexoshiwe eqenjini kanye nobeyiphini likaMengameli kaKhongolose uMnuz David Mabuza.

UKhanyile wenza izinsolo zokuthi uKhuzwayo ubezihambela ngophaqa engenalutho kodwa kuthe uma sekwakhiwa itulo lokuketula uMnuz Jacob Zuma ebuholini beMK, uKhuzwayo wathengelwa imoto eyi-VW Polo Vivo.

Nokho uKhuzwayo wazichitha lezi zinsolo.

Abanye abammangali kuleli cala lasePhalamende uMnuz Isaac Menyatso, uMpho Motshegoe, u-Augustin Madala Qwetha, uGrace Mgwebi, uNtombenhle Mkhize, uMatholeni Masilela, uBongani Mfiki, uSenzo Dlamini noNkk Agnes Mokgotsi.

Okhulumela iqembu uMnuz Nhlamulo Ndhlela phambilini uthe laba baxoshwe ngoba bazifaka bona ohlwini oluya ePhalamende nezihlobo zabo.

Uthe bavule ngisho icala emaphoyiseni ase-Sandton.

Waveza nokuthi bafaka negama likaZuma ngomgunyathi ekubeni uZuma kwakuhlelwe ukuthi aqhamuke njengoJaji John Hlophe.

Izihloko zakamuva