I-Equal Education inxusa uMnyango waseKZN ukuthi uxazulule izinkinga zokudla okunomsoco 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Isikhungo sezomthetho senhlangano yomphakathi i-Equal Education singenelele ekuxazululeni izinselelo ezikhungethe uhlelo lokudla ezikoleni oludla uR2.5 billion KwaZulu-Natal.

Isikhungo sezomthetho sibhalele uMphathiswa wezeMfundo uSipho Hlomuka neNhloko yomnyango uNkosinathi Ngcobo, sifuna ukuthi kuqaliswe zonke izivumelwano abafinyelele kuzo ne-National School Nutrition Programme (NSNP) Service Providers Association ngomhlaka-19 kuNhlaba kulo nyaka.

Kulowo mhlangano uNgcobo, phakathi kokunye, wenza umsebenzi wokuthola iqiniso ukuze ahlonze futhi alungise izinto ezidingekayo zokulethwa kwezinsiza, okuhlanganisa amanani egesi, ukukhuphuka kwama-milligrams ngomfundi ngamunye kanye nokungalingani phakathi kwesibalo sabafundi esibhaliswe isikole kanye nabafundi abagunyaziwe yi-NSNP. 

Kwathiwa umsebenzi uzophothulwa lingakapheli isonto kubanjwe umhlangano. 

Uphinde wavuma ukuxoxisana noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo kuzwelonke ukuze uxazulule ukwenyuka kwamanani afunwa ngabahlinzeki nabadayisi, okuhlanganisa nokufuna ithuba lokuthi inhlangano yabahlinzeki bezinsizakalo yenze izethulo ophikweni lwezibonelelo ze-NSNP.

Isikhungo sezomthetho sithe naphezu kwalezi izenzo, akukho mpendulo abayitholile evela kunhloko yomnyango. Ngakho-ke, bacela umhlangano ozohlanganisa “bonke abantu abafanelekile be-KZN DoE” ukuze kuxoxwe ngezinkinga nezisombululo ezingase zibe khona.

Okhulumela uMnyango, uMnuz Muzi Mahlambi, akazange aphendule ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe uMphathiswa noNgcobo bayiphendulile yini indaba ye-Equal Education.

Osesithombeni esingenhla: UMphathiswa uSipho Hlomuka.

Umthombo: I-KZN DoE

Izihloko zakamuva