Basamangele abomndeni wentombazane ebulewe imoto yeSilo ngokuzibulala “okungaqondakali” komqaphi waso

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Bashaya amakhala abomndeni wentombazane eshone engozini yemoto yeSilo uMisuzulu kaZwelithini ngokuzibulala abathi kubashiya nemibuzo ngomqaphi waso obethinteka kule moto.

Lokhu kulandela ukuthi umqaphi weNdlulamithi nonguSayitsheni kuvele izindaba zokuthi utholwe ezilengisile ehhotela e-Mhlanga ngoMsombuluko washona ekubeni kube nezinsolo zokuthi uzame ukufihla ubufakazi ngale ngozi.

UNkk Philie MaNgidi-Mtshali ongudadewabo kaNksz Thini Mtshali osesithombeni otholwe eseshonile ku-Phoenix Highway ngemuva kokugandaywa i-Toyota Forturner eshayelwa yilo mqaphi weNdlulamithi, uthe okubaxakayo ukuthi uzibulala kanjani engazange aziveze kwasekuqaleni ukuthi nguye obeshayela imoto.

“Le nto isishiya nemibuzo engaphenduleki singumndeni ukuthi lo muntu uzibulala kanjani ekubeni besingamazi nathi futhi engakasitsheli ukuthi empeleni kwenzakalani, nokuthi yini lena eyenze wangama endaweni yophawu obelukhomba ukuthi imoto kufanele ime ukuze kudlule abaqhamuka eceleni okungaba abahamba ngezinyawo noma ezinye izimoto. 

“Impela sisashaqekile ngalengwiji-khwebu esiyenzeka kulolu daba,” kusho uMaNgidi-Mtshali.

NgoLwesihlanu kuthiwa le moto eyayindiza, idla amagalane ku-Phoenix Highway ishayise uNksz Mtshali yabaleka. Nokho kuthiwa umshayeli wayo wafike wayifihla ezimobeni e-Verulam maqede wayovula icala lokuthi ilahlekile.

Kuthiwa ngesikhathi eyovula icala, laselivele livuliwe elokushona kukaNksz Mtshali. 

Ngemuva kwalokho kuthiwa kwafika enye imoto yazothatha izinombolo zemoto i-Forturner emasimini omoba kanti kwasekusemvakwendaba ngoba onogada bakwa-RuSA basebefikile emasimini bathatha izithombe zezinombolo zemoto.

I-Scrolla.Africa izamile ukuthola ukuthi ngabe ubani lo mqaphi futhi ushonele kuliphi ihhotela.

Nokho amaphoyisa anqabe aphetha nemininingwane athi lokho akuvumelekile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netsheunda uthe ngokwezigaba zomthetho obizwa nge- Protection of Personal Information Act ( POPI Act), abavumelekile ukudalula imininingwane ngoba lolu daba luthinta usayitsheni ngqo. 

Okhulumela iNdlulamithi uMntwana uSimphiwe wakwaMinyamanzi uqinisekisile ukuthi umqaphi ubesebenzela iNdlulamithi kanti nemoto ethinteka engozini yiyo abeyisebenzisa.

Izihloko zakamuva