Iciko elisencane lihloniphe uConnie Chiume ngesithombe esidwetshiwe

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukuhlonipha usaziwayo obeyisibonelo kuye – uConnie Chiume – umdwebi osemncane uLuvuyo Shongwe unikeze umndeni walo mlingisi isithombe asidwebe ngomsizi sakhe lo mlingisi wodumo.

Ujoyine amanye amaciko amathathu adwebayo – okukhona kuwo uRasta, owaziwa ngokupenda izithombe zosaziwayo ngesikhathi semngcwabo – kanti banikele ngezithombe zabo emndenini wakwaChiume enkonzweni yomngcwabo.

UChiume ufihlwe ngoLwesine, mhlaka-15 kuNcwaba, ngemuva kokuhlonishwa ngomngcwabo wesifundazwe eKurhuleni. Ushone ngomhlaka-6 kuNcwaba esibhedlela i-Garden City e-Mayfair ngesikhathi elulama ekuhlinzweni.

Lo mfundi owenza u-Grade 9 e-East Rand School of the Arts uthe, njengeciko ebelibukela kuChiume, ubone kufanele ukuthi ahloniphe lo mlingisi ngomsebenzi wakhe.

“Ngikhule ngimbuka kumabonakude futhi ngilandela umsebenzi wakhe kuleli naphesheya,” kusho uLuvuyo. “Iqhaza alibamba ku-Black Panther limenze wahluka kumaciko amaningi akwamanye amazwe futhi laqhubeka nokumvulela iminyango.

“Kuningi asekwenzele imboni; Ngilandele umsebenzi wakhe wokuthuthukisa amaciko asemancane ngokuwaxhumanisa namathuba okufunda phesheya kanye nama-ejensi aseMelika.

“Iphupho lami bekungukuthi uma sengiqede umatikuletsheni ngijoyine i-foundation yakhe njengeciko,” kusho leliciko elisafufusa.

UShongwe uthe ngoChiume, ufunde ukubaluleka kokuba nama-copyright emisebenzi yakhe ukuze aqinisekise ukuthi akekho ongayeba.

“Kukaningi sizwa ngamaciko axhashazwayo antshontshelwa umsebenzi awo kodwa thina njengamaciko asemancane sisemathubeni angcono okuvikela umsebenzi wethu ngezimfundiso zakhe,” esho.

Uthisha wezobuciko ophinde abe yingcweti yezobuciko uNjabulo Radebe uthe isifiso sakhe wukuba amaciko asemancane aqeqeshwe ukuze aqonde izinkontileka futhi aqinisekise ukuthi awaqolwa.

“Ukuxhashazwa ngemisebenzi yabo kuqala uma besafufusa kodwa ngenhlanhla esikoleni siyabacija futhi siqinise ithalente labo ngokulandela uhlelo lokufunda olubekiwe.

“Abaningi bashiya isikole bengamaciko afanele kodwa bengenawo amakhono emfundo okukwazi ukweseka ithalente labo,” kusho uRadebe.

Esithombeni esingenhla: Umculi osemusha uLuvuyo Shongwe.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva