UMboro unqatshelwe ibheyili

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ozibiza ngomfundisi uPaseka Mboro we-Incredible Happenings Church kanye nonogada wakhe uClement Baloyi banqatshelwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi yase-Palm Ridge.

Indodana yakhe uVincent Motshoeneng inikezwe ibheyili eyambisana nemiqathango.

Icala lihlehliselwe umhlaka- 21 kuMfumfu ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa ababili kuleli cala.

Isimo sasenkantolo – njengoba bekugcwele amalungu e-Incredible Happenings Church – siphenduke saba muncu ngesikhathi iMantshi uKatlego Mokwena ikhipha isinqumo sayo.

Ngesikhathi kuqhubeka icala, inkantolo izwe ukuthi uMboro wanika amaphoyisa amakheli ahlukene.  Enye bekuyinhlanganisela yegama lomgwaqo wesonto kanye nendawo yokuhlala eKurhuleni, kodwa umgwaqo onjalo awukho.

Kuphinde kwavela ukuthi unikeze amaphoyisa amakheli ahlukene emacaleni amaningi.

Amaphoyisa awakwazanga ukuqinisekisa ikheli likaBaloyi, njengoba umnikazi womuzi ethe akahlali khona kodwa ujwayele ukuvakasha.

Encwadini efungelwe kamphenyi efundelwe inkantolo, uBaloyi usebenza njengonogada kodwa akanazo iziqu zomsebenzi wokuvikela noma amalayisensi ezibhamu zakhe.

Laba bobathathu babhekene namacala amaningi, ahlanganisa:

Ukuthumba – Mboro;

Ukukhipha isibhamu – UMboro noBaloyi;

Ukukhomba ngesibhamu – UMboro noBaloyi;

Ukusabisa ngezinsongo – UMboro nendodana yakhe uVincent Motshoeneng (umsolwa wesithathu);

Ukucekela phansi impahla – Bobathathu abasolwa 

Ukutholakala nesibhamu kanye nesibhamu esingavunyelwe – UMboro noBaloyi;

Ukutholakala nezibhamu nezikhali eziyingozi – UBaloyi.

Empini yokugcina abazukulu bakhe abane, ngoMsombuluko mhlaka-5 kuNcwaba umfundisi usolwa ngokunqamula ingidi ukuze akwazi ukungena esikoleni i-Matshidiso Primary ephelezelwa unogada wakhe kanye nendodana bephethe izibhamu ezizishintshayo.

Bafuna kudedelwe ngendluzula abazukulu bakhe ababili abenza u-Grade R no-Grade 2 bephikisana nomyalelo kagogo wabo ozala umama wabantwana.

Ugogo ozala umama wabantwana ubegada izingane, okuhlanganisa nezincane ezimbili,  selokhu kwashona umama wabantwana ngoMbasa. Icala lokugcina izingane lizolalelwa mhlaka-5 kuMandulo.

Okhulumela umbuso, uMnuz Pheello Vilakazi, uthe abasolwa bayingozi emphakathini njengoba bebephethe izikhali zempi ezithusa abafundi abasebancane.

“Esinye sezibhamu ezisetshenziswe ngesikhathi kwenziwa ubugebengu namanje asikatholakali ngamaphoyisa. Uma kwenzeka benikezwa ibheyili, abasolwa bangase bayibalekele ibheyili ngoba akekho owaziyo nokuthi bahlalaphi. Siyesaba ukuthi bazosabisa ofakazi njengoba bebazi,” usho kanje.

UVilakazi uthe ukholwa wukuthi umbuso unecala eliqinile elesekwa wubufakazi obuphathekayo obubhekene nabasolwa abathathu.

Umbuso namanje awazi ukuthi izingane zihleli kuphi, wengeza nokuthi ngaleyo ndlela ukunikeza abasolwa ibheyili kungase kubeke engcupheni ukuphepha kwazo.

Ummeli kammangalelwa uPhillip Dlamini uthe isinqumo sombuso sokuthi uMboro uyingozi emphakathini asinabo ubulungiswa.

“Umsolwa wesithathu (ubaba wezingane, uMotshoeneng) ubehlala nezingane nonina ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni ngoMbasa.

“Ngelanga lesigameko ubaba wahambisa izingane esikoleni; akazange azithumbe kodwa wayenza imisebenzi yakhe njengomzali.”

UDlamini uthe ipolitiki ebe nomthelela ekunqatshelweni kwebheyili kukaMboro waphinde wanxusa inkantolo ukuthi ibe nobulungiswa uma ikhipha isinqumo.

UMboro uthe uma engadedelwa ngebheyili amalungu ebandla lakhe azophazamiseka emoyeni futhi abantu abangu-30 abebemsebenzela bazodonsa kanzima ngezezimali.

Esithombeni esingenhla: Umfundisi uMboro nasolwa nabo.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva