Kuboshwe owesilisa otholakale namaphasipothi angu-34

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Kuboshwe umsolwa otholwe namaphasiphothi angu-34 echwebeni lase-Lebombo lapho kungenwa khona mawuya e-Mozambique.

I-Border Management Authority (BMA) iphinde yathola isamba semali esingadalulwanga kumsolwa ngesikhathi eboshwa.

UKhomishana we-BMA uDkt Michael Masiapato utuse onogada basemngceleni ngomsebenzi wabo oncomekayo ekwenzeni lokhu kuboshwa okubalulekile. 

Ngokusho kukaMasiapato, umkhankaso wenzeke ngoMsombuluko, mhlaka-19 kuNcwaba.

“Ngesikhathi behlola onogada basemngceleni be-BMA, bathole amaphasiphothi angu-34 kanye nesamba semali kumsolwa,” usho kanje.

“Kulawa maphasiphothi, angu-32 awabadabuka e-Mozambique kanti amabili ahlonzwe njengawabadabuka e-Angola. Kuvulwe icala lokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe, kanti kusaphenywa ukuze kutholakale umsuka wamaphasiphothi.”

UMasiapato utuse ukuzinikela kwabaqaphi bemingcele, wathi lolu hlelo oluyimpumelelo luthumela umyalezo oqinile kulabo abahamba beqa imingcele ngokungemthetho. 

“Sizoqhubeka nokubabeka amacala obugebengu (abenzi bogugebengu) ngokusiza futhi sigqugquzela (onogada), njengokusho kwe-Immigration Act,” usho kanje.

Uphinde wagqamisa ukubaluleka kokunaka konogada basemngceleni kanye nokuzibophezela kwabo ekuvikeleni amachweba esizwe. 

“Imizamo yabo ibalulekile empini yethu eqhubekayo yokulwa nezenzo ezingekho emthethweni kanye nokuqeda inkohlakalo phakathi kwemingcele. Siyaziqhenya ngegalelo labo ekugcineni isithunzi sechweba lesizwe sakithi,” kusho uMasiapato.

Ukhomishana ukuqinisekisile ukuthi i-BMA isalokhu igxilile emsebenzini wayo wokuvikela zonke izindawo zokungena ezingu-71 kanye nokuqinisekisa ukuphepha nokuvikeleka kwazo zonke izakhamizi. Ugcizelele ukuthi i-BMA izoqhubeka nokusebenzisana kakhulu nezinhlaka zomthetho ukuze kunqandwe futhi kuliwe nobugebengu obenziwa abawela imingcele.

Esithombeni ngenhla: Amaphasiphothi kanye nemali ethathiwe ngesikhathi kuboshwa umsolwa. 

Umthombo: BMA Border Guards

Izihloko zakamuva