
Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli Wezepolitiki
Umthelela wokunqanyulwa kwamanzi ezingxenyeni ezithile zeGoli uzwakale eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoLwesibili ngesikhathi kuhlehliswa amacala ngoba amanzi engekho.
Elinye lamacala abucayi elithintekile ngelalabo ababengonogada bePhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile abayisishiyagalombili, ababhekene necala lokushaya amasosha amabili amancane.
Ababengonogada baMashatile kuthiwa bashaya amasosha ayehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Polo, ngoba ahluleka ukuvulela izimoto ze-VIP indlela kuthelawayeka u-N1 eGoli.
Onogada baphinde bathweswe amacala okukhomba ngesibhamu, ukushayela budedengu kanye nokuphula umthetho.
Icala lihlehliselwe uLwesithathu lapho kulindeleke ukuthi amanzi abe esebuyile inkantolo.
NgoLwesibili, ufakazi wesifazane – ongumnikazi we-Polo VW eluhlaza okwesibhakabhaka eyayishayelwa ngamasosha ngosuku – ungene ebhokisini lofakazi.
Uthe imoto yakhe ilimele kanti amanye amafasitela aphukile, kanti umgilwa washaywa kanzima engakwazi ngisho nokukhuluma.
Umshayeli kuthiwa wayecabanga ukuthi badunwa imoto kanti akasakhumbuli lutho njengoba kwavele kwaba mnyama amehlo ngesikhathi behlaselwa.
Umshayeli owayedlula ngendlela waqopha ividiyo yamalungu e-SAPS VIP Protection Unit eshaya abagilwa wabe esefaka le vidiyo ezinkundleni zokuxhumana.
IGoli linqanyulelwe amanzi ngenxa yokulungiswa okuqhubekayo kwengqalasizinda esigugile.
Esithombeni esingenhla: Ababengonogada bePhini likaMengameli uMnuz uPaul Mashatile enkantolo.
Umthombo: X