Author: N5

EzaseKZN ezifingqiwe: Itholakale inenxeba lokudutshulwa indodana kasomabhizinisi waKwaMashu 

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze ezenzeka esifundazweni

Ungqongqoshe uthi ‘phansi amaphaphu ngezindlu zasoNdini’

UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi wehlise uvalo emindenini eyatapa izindlu ezazilaxazwe uHulumeni oLundi njengoba ethi akekho umuntu ozoxoshwa kuzo.

Uhulumeni uzovusa izimboni zakwaSithebe eseziphenduke umhhume wabaphangi

UHulumeni waKwaZulu-Natal uhlela izingxoxo ezijulile ukulungisa amafemu akwaSithebe eMandeni acekelwa phansi ngesikhathi sezibhelu zango-2021.

Amaphoyisa abophe umshayeli nezidakamizwa zenani lika-R1-million 

Amaphoyisa aseLaingsburg abophe owesilisa obethutha izidakamizwa zenani elingaphezu kuka-R1-million, kanti izakhamizi zithi umphakathi udinga ukusiza amaphoyisa ngokubika abadayisa izidakamizwa.

Amaphoyisa athole umsebenzi omkhulu wokukhiqizwa kwezitifiketi zomgunyathi

Kuboshwe abantu abahlanu ngokukhiqiza izincwadi zokushayela zomgunyathi kanye nezitifiketi zikamatikuletsheni namanye amaphepha.

UWilliams uqokwe kuma-awards onozinti abahamba phambili emhlabeni

Ukaputeni weBafana Bafana ophinde abe ngunozinti weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uqokwe kwi-Yashin trophy, ehlonipha onozinti abahamba phambili emhlabeni.

Abanikazi bamathaveni basola amaphoyisa ngokubaqola imali

"Kunokuba basibophe noma bahambise utshwala esiteshini, bacela imali."

Owesifazane nezingane baphunyuke isoka lizama ukubashisa nendlu 

Umsolwa uvalele owesifazane nezingane zakhe ezimbili emzini wakhe, wathela yonke into ngophethroli wase wokhela indlu ngomlilo.

EzaseKZN ezifingqiwe: UMhlathuze uhluliwe empini yokungabakhokheli abasebenzi

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze ezenzeka esifundazweni.

Abahlali baseGqeberha bafuna ukungenelela kwamasosha ukulwa nobugebengu

Izakhamuzi zakuleli dolobha elihlaselwe ubugebengu zifuna izinyathelo ezinqala zokulwa nobunswelaboya, okuhlanganisa nokungenelela kwamasosha kanye nosizo lukaKhomishana wamaPhoyisa waseKZN.

I-NSFAS ithembisa ukukhokhela abafundi baseMfolozi TVET ababulawa yindlala

Abafundi bebethola u-R300 kuphela esikhundleni sika-R1,300 ngenyanga kanti i-SRC kwadingeka icele uxhaso kumasipala.

UBroos ufuna iBafana isheshe ingene ku-Afcon

Umqeqeshi uHugo Broos ufuna ukuqinisekisa ngokushesha ukuthi iBafana Bafana iyakwazi ukungena kwi-Afcon 2025 ngokunqoba yonke imidlalo yayo ezayo.

Recent articles

spot_img