Ungqongqoshe uthi ‘phansi amaphaphu ngezindlu zasoNdini’

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi wehlise uvalo emindenini eyatapa izindlu ezazilaxazwe uHulumeni oLundi njengoba ethi akekho umuntu ozoxoshwa kuzo.

UMnuz Martin Meyer ukusho lokhu ngoLwesine ngesikhathi evakashele kwaNongoma ukuyohlola isikhungo sokusingatha imigidi kaZulu eNyokeni.

“Empeleni ngiyafisa ukuyicacisa lena ngokuthi asikwazi ukuxosha abantu ezindlini asebehlale kuzo iminyaka ecela kwengu-30. Esizokwenza ukuxoxisana nomasipala ukuze sithole indlela yokuba sigweme izindleko ezigcina zikhokhwa abakhokhibentela.

“Ngakho vele le mindeni ehlala laphaya abasebenzi bakahulumeni nabomasipala, ngakho asikho isidingo sokubakhipha kodwa (sifuna) ukuxoxisana nabo nomasipala,” kusho uMeyer.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi empeleni izindlu abazitholile zibalelwa ku-600 ezisoLundi.

Ukusho lokhu nje i-NFP eZululand ibisinetwetwe lokuthi kuzokhishwa abantu kulezi zindlu.

Ngaphambilini obenguNdunankulu waseKZN uMnuz Senzo Mchunu wathi kungangcono lezi zindlu zihlalise odokotela abasebenza emakhaya aseZululand nabahlengikazi ngoba okwamanje baqashe e-Melmoth.

Nakule mindeni ehlala kulezi zindlu kukhona abesebenezinsongo bethi buyochitheka bugayiwe uma uMeyer ezama ukubakhipha.

Abanye abaseka uMkhonto weSizwe Party kukhona kubo abesebethi bavele babona ukuthi uHulumeni we-GNU uzobagila, ubaphenye izinqa ngalezi zindlu.

Izihloko zakamuva