Isiteleka samatekisi saseGauteng sesihoxile ngemuva kwezingxoxo ezinenqubekela phambili

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-SANTACO Gauteng kanye ne-Gauteng National Taxi Alliance bahoxisile usongo lwabo lokuvala amatekisi kuso sonke isifundazwe.

Izinhlangothi zombili zizohlangana futhi zingakapheli izinsuku ezingu-14 ukuxazulula izinkinga ezisasele, okuhlanganisa nokubambezeleka kokuqoqa amalayisense okusebenza.

Imboni yamatekisi yaseGauteng ihoxisile ukuvalwa kwayo okusongelayo esifundazweni sonke, ngemuva kwalokho ekuchaze njengomhlangano owakhayo noNgqongqoshe Wezemigwaqo Nezokuthutha uKedibone Diale-Tlabela ngoLwesine.

I-SANTACO Gauteng kanye ne-Gauteng National Taxi Alliance banikeze uNdunankulu uPanyaza Lesufi izinsuku eziyisikhombisa zokungenelela, bexwayisa ngokuthi ubuhlobo babo noNgqongqoshe “bubonakala buphukile ngendlela engenakulungiswa” futhi basongela ukuvalwa kwemigwaqo okungase kuphazamise izigidi zabagibeli.

Imboni isole uNgqongqoshe Wezokuthutha ngokudlula izakhiwo zayo zobuholi ezikhethiwe ngokusebenzisana ngqo nezinhlangano zamatekisi ngazinye.

Zombili izinhlangothi sezivumile ukuhlangana futhi zingakapheli izinsuku ezingu-14 ukuze zixazulule izinkinga ezisasele.

Usihlalo we-GNTA eGauteng uMpho Motsepe uthe izinhlangothi zombili zitholene futhi zizosebenza ukuxazulula izinkinga zokuhlela kanye nokusilela kwamalayisense okusebenza akhishiwr kodwa angakaze aqoqwe abashayeli.

Abagibeli baqinisekiswe ukuthi izinsizakalo zamatekisi zizoqhubeka njengokujwayelekile, ngaphandle kokuphazamiseka kwemizila noma ukumiswa kwezinsizakalo.

UTheo Malele, okhulumela i-Gauteng National Taxi Alliance kuzwelonke, uxolisile nganoma yikuphi ukudideka obekukhona.

“Imboni ikhethe ngamabomu indlela yengxoxo ngoba abagibeli akufanele bahlupheke ngenkathi izingxoxo ziqhubeka,” esho.

UDiale-Tlabela uthe ukuzibandakanya komnyango wakhe nabashayeli bamatekisi kuwela ngaphansi kwegunya lawo lomthethosisekelo, nokuthi izinhlaka ezimisiwe, okuhlanganisa nemihlangano yekota nobuholi bamatekisi besifundazwe, zihlala ziyindlela ekhethwayo yokuxazulula izingxabano.

“Umgomo wethu ohlanganyelwe uhlelo lwezokuthutha zomphakathi oluphephile, oluthembekile nolufinyelelekayo kubo bonke,” esho.

Esithombeni esingenhla: Ukuvalwa kwamatekisi eGauteng akusekho ngemuva kwezingxoxo noNgqongqoshe Wezokuthutha.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva