Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Abanikazi bezindawo zokuqeda ukoma eKapa basola amaphoyisa aseNyanga naseBrown’s Farm ngokubaqola imali.
Umnikazi wethaveni ongathandanga ukudalulwa igama uthe sebekhathele ukusebenzela amaphoyisa.
“Sizama ukondla imindeni yethu. Asinawo amalayisensi, kodwa lokho akubaniki ilungelo lokusiphatha ngale ndlela,” kusho umnikazi wendawo.
Umnikazi wendawo uthe amaphoyisa afika ngehora lesibili ekuseni, aphule iminyango, abuza ukuthi kungani edayisa utshwala ngaphandle kwezincwadi.
Esikhundleni sokuthi basibophe noma bahambise utshwala esiteshini, bacela imali. Siyabanika ngoba basesha umuzi wonke basiphoqe ukuthi sikhokhe,” usho kanje.
“Ngenyanga edlule bafike kathathu. Kwadingeka ngisebenzise imali yokugibela yezingane zami yokuya esikoleni ukuze ngibakhokhele.”
Amaphoyisa kuthiwa ahlukaniselana imali.
Omunye umnikazi wendawo yokucima ukoma uthe: “Sisenkingeni uma sicabanga ukuthi amaphoyisa azosiza, athatha imali, iziphuzo nogwayi ezitolo zabokufika, uma eseza kithina abanikazi bamathaveni, acele imali,” usho kanje.
“Akuyona nje iNyanga noma iBrowns Farm. Abantu baseGugulethu basho okufanayo. Lokhu kumele kulungiswe.”
Abanikazi baphinde bathi uma amaphoyisa engayitholi imali, athatha utshwala abuye kamuva azolanda imali.
Bathe kunzima ukuhlonza amaphoyisa ngoba ajwayele ukungawagqoki amabheji anezibongo zabo, kwesinye isikhathi afihla ubuso bawo ngezifonyo.
“Uma sizama ukuthatha izithombe zezimoto zabo baphula omakhalekhukhwini bethu, sidinga usizo ukunqanda lokhu,” kusho umnikazi wendawo yokucima ukoma.
UMnuz Dumisani Qwabe onguNobhala weNyanga Community Policing Forum, ucele abanikazi bamathaveni ukuthi bazame ukuhlonza la maphoyisa.
“Kufanele bazame ukuthola amagama ayo noma bathwebule izithombe zezimoto. Omakhelwane bangasiza.”
Okhulumela i-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Phaladi Shuping, uthe abanikazi bamathaveni bangafaka izikhalo ngamaphoyisa enza lokhu ngokushayela inombolo yamahhala ethi 0800 111 969.
Esithombeni esingenhla: Abanikazi bamathaveni abathi amaphoyisa athatha imali notshwala ngaphandle ngokubhala imibiko.
Umthombo: UBuziwe Nocuze