Amaphoyisa abophe umshayeli nezidakamizwa zenani lika-R1-million 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amaphoyisa aseWestern Cape abophe owesilisa eLaingsburg ngoLwesibili ngemuva kokumisa iloli ebelithwele izidakamizwa zenani lika-R1-million lilibangise eKapa.

Okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Joseph Swartbooi uthe amaphoyisa alunywe indlebe mayelana nomgwaqo u-N1 Highway. 

Bamise iloli ngaseStation Road ngezithuba zabo-11:50 ebusuku bathola izidakamizwa zifihlwe emabhokisini esidlo sasemini ngaphakathi.

Umshayeli uboshelwe ukuthutha izidakamizwa kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yaseLaingsburg khona maduze nje.

UZama Nkasela, isakhamuzi saseKapa, ​​uncome amaphoyisa ngokubamba abadayisa izidakamizwa, wathi umphakathi udinga ukusiza ngokuthi ubike labo abadayisa izidakamizwa. 

“I-SAPS ayikwazi ukwenza lokhu iyodwa. Izidakamizwa zicekela phansi izimpilo zabantu, futhi sidinga ukusiza ukuzinqanda,” kusho yena.

Esinye isakhamuzi esingathandanga ukudalulwa igama sithe izidakamizwa ziyimbangela enkulu yobugebengu. 

“Baningi abantu abaphula umthetho ngoba besebenzisa izidakamizwa, uma singayeka ukuvikela abadayisa izidakamizwa imiphakathi yethu ingaphepha,” kusho isakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: Amaphoyisa aseLaingsburg abophe umsolwa ngokutholwa nezidakamizwa zenani lika-R1-million.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva