EzaseKZN ezifingqiwe: Itholakale inenxeba lokudutshulwa indodana kasomabhizinisi waKwaMashu 

USihle Mavuso ubika kafushane ezinohlonze ezenzeka esifundazweni

ELindelani – Indodana kasomabhizinisi odumile waKwaMashu itholwe isishonile emotweni yayo kanokusho inenxeba lokudutshulwa ngoLwesihlanu ekuseni. Umama wakhe ungumnikazi wendawo yokucima ukoma iKwaDididza Shisanyama and Bar esesigcemeni sakwa-K KwaMashu. Akukho lutho obelukhombisa ukuthi kukhona okuntshontshiwe.

EThekwini – Iqembu uMkhonto weSizwe (MK) licela izinhlaka ezithintekayo, okuhlanganisa iBhange loMbuso kanye noMgcinimafa kaZwelonke, ukuba zisize i-Ithala SOC Ltd ithole ilayisense yayo yokuba ibhange ngokuphelele ukuze iqhubeke nokusiza amakhasimende ayo, ikakhulukazi abantu abamnyama.

EDumbe – I-National Freedom Party ibhekene nezinkinga eziningi zomthetho njengoba u-Obed Ngcamu, owayengumqondisi weqembu, efuna u-R1.2-million womholo ongakakhokhwa. Inkantolo ivune yena ngemuva kokusebenzela iqembu kusukela ngoNhlangulana ka-2017 kuya ngoNdasa ka-2023.

EMgungundlovu– UMnyango wezeMfundo esifundazweni welule ezinye izinsuku zokuthi othisha abangasebenzi bafake izicelo zomsebenzi kuze kube umhlaka-20 kuMandulo. Othisha abasebenza ngaphansi kwezigungu ezilawula izikole bamukelekile ukufaka izicelo uma behlangabezana nezidingo ezifunekayo.

Olundi – Umasipala wesifunda saseZululand kanye noMnyango wezeMfundo esifundazweni bavumelene ngokubuyisela amanzi ezikoleni zasoLundi. Lokhu kuzoqinisekisa ukuthi abafundi banamanzi, ikakhulukazi ngesikhathi sokubhala izivivinyo.

Esithombeni esingenhla: Imoto kanokusho okutholakale kuyo indodana kasomabhizinisi KwaMashu 

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva