Author: N5

Ithimba le-ANC linikwe ezinye izinyanga eziyisishiyagalolunye ukulungisa izinhlaka Ekurhuleni

Uhlelo lwethimba lesifunda lokwakha kabusha izinhlaka ze-ANC kumasipala omkhulu lunwetshelwe uNhlangulana wangonyaka ozayo.

Namanje akakayitholi ibheyili uMfundisi uMboro phezu kwezindleko zika-R400 000

Inqwaba yabazalwane bebandla i-Incredible Happenings Ministries likaMfundisi Mboro bathandaze ngaphandle kwenkantolo bafunga bagomela ukuthi bazomeseka kuze kube sekugcineni.

Izakhamuzi zaseMthatha zibhikishele ukuqolwa kwabantu nazo zonke izinhlobo zobugebengu

Abahlali base-Mthatha bamashele ehhovisi lamaphoyisa endawo, befuna kuthathelwe ubugebengu izinyathelo ezinqala, ikakhulukazi ukuqolwa kwabantu imali.

Iqembu lakuleli libuye nezindondo eziyisithupha zamaParalympic

Bekungesona isikhathi esihle kubasabuthi baseNingizimu Afrika emidlalweni yama-Paralympic kulo nyaka, kodwa abasubathi babuye nezindondo ezimbili zegolide nezethusi ezine.

EzaseKZN ezifingqiwe: Isikhulu seCoGTA eKZN simisiwe emsebenzini ngenxa yenkohlakalo

USihle Mavuso ubika kafushane ezihamba phambili esifundazweni

Owesifazane ukhala ngomyeni wakhe othengise indlu yabo engamtshelanga 

UStella Nkoatse uxoshwe emzini wakhe ngoba umyeni wakhe edayise umuzi wakhe engamtshelanga.

Kubuye ithemba bethenjiswa umgwaqo abebehamba endleleni yezinkomo

Kuqhilike izihlathi ngenxa yenjabulo emphakathini waseMagengebula nasesigodini sakwaNompondo ngemuva kwezindaba zokuthi ngemuva kweminyaka engu-30 izwe lakhululeka, nabo sebezoba nomgwaqo.

Isizophothulwa inkundla yemikhosi kaZulu ecishe yabhidlizwa ngenxa yenkohlakalo

Izophothulwa ngenyanga ezayo inkundla yokusingatha imikhosi kaZulu eNyokeni, kwaNongoma edale umsindo eminyakeni edlule ngenxa yezinsolo zenkohlakalo.

UMeyer uthi sekuzoqoshwa ukuqashwa kwabasebenzi kanye nemihlangano yamathenda

Ukulwa nenkohlakalo, uMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal usuzoqopha zonke izinhlolokhono zomsebenzi kanye nemihlangano yamathenda.

Isihlabani somculo weKwaito uMapaputsi sidlule emhlabeni sineminyaka engu-45

Isihlabani se-Kwaito uSandile Ngwenya obedume ngelikaMapaputsi sidlule emhlabeni sineminyaka engu-45 ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi esingaphezu konyaka.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa ulibhekisa eChina ukuze ayothola usizo lokulwa nobugebengu

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uzovakashela e-China ukuze athole ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu obungathuthukisa ukuthotshelwa komthetho eNingizimu Afrika.

Umasipala waseKurhuleni nohlelo lokukhokha isikweletu sika-R20-billion

Zingaphezu kuka-80% izakhamuzi zasemalokishini ezingakhokhi intela noma ezixhume ngokungemthetho ezinsizeni zikamasipala.

Recent articles

spot_img