Umasipala waseKurhuleni nohlelo lokukhokha isikweletu sika-R20-billion

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

IDolobha laseKurhuleni liqinisa imizamo yokuthi izakhamuzi zasemalokishini zikhokhe izikweletu zazo ezidlulelwe yisikhathi ngokuzinikeza uhlelo lokukhokha lweminyaka emithathu ukuze zikhokhe zonke izikweletu zazo.

Ukuze kusizwe izakhamuzi, idolobha liqhamuke nohlelo lokukhokha lweminyaka emithathu oluzobasiza ukuba bakhokhele izikweletu zabo.

UMphathiswa wezeziMali uJongizizwe Dlabathi useqale umkhankaso okhuthaza abantu ukuthi bakhokhe izikweletu zabo. Umasipala ukweletwa u-R20-billion wama-rates nezinsiza.

Izakhamuzi zasemalokishini ezingaphezu kuka-80% aziyikhokhi intela nezikweletu zezinsiza okanye zixhume ngokungemthetho ezinsizeni zikamasipala.

Lokhu sekudale izinkinga zezimali edolobheni, okwenza kube nzima ukukhokhela osonkontileka futhi kuholele ekuncipheni kwezinsiza ezifana nokuqoqwa kukadoti.

Izikweletu eziningi ezingakhokhiwe ezamanzi, ezokukhucululwa kwendle, ukuqoqwa kwemfucuza kanye nentela yezakhiwo.

Emhlanganweni womphakathi obuKwa-Thema ngoLwesihlanu, uDlabathi uzwakalise ukukhathazeka ngenqwaba yabantu abangazikhokhi izikweletu zikamasipala.

Uthe umasipala udinga le mali ukuze ukhokhele u-Eskom ne-Rand Water u-R2.7-billion.

UDlabathi uthe izinsiza zizoqhubeka uma abantu bezibophezela ukukhokha ngisho kancane izikweletu zabo. Nokho, uma bengakwenzi lokhu, idolobha lingase limise izinsiza.

Uphinde wagqugquzela abantu abaxhume ngokungemthetho ezinsizeni ukuthi baphumele obala bakhishwe ngaphandle kwezijeziso.

Abahola impesheni nabahola kancane nabo banxuswe ukuthi babhalisele usizo ngalolu hlelo.

“Sidinga ukuthi wonke umuntu akhokhe imali anayo ukuze siqhubeke nokuhlinzeka ngemisebenzi,” kwengeza uDlabathi.

Osesithombeni ngenhla: UMphathiswa wezeziMali uJongizizwe Dlabathi.

Umthombo: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva