Isizophothulwa inkundla yemikhosi kaZulu ecishe yabhidlizwa ngenxa yenkohlakalo

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Izophothulwa ngenyanga ezayo inkundla yokusingatha imikhosi kaZulu eNyokeni, kwaNongoma edale umsindo eminyakeni edlule ngenxa yezinsolo zenkohlakalo.

Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda uMnuz Martin Meyer ngoLwesine ngesikhathi evakashele eNyokeni ukuyozibonela umsebenzi owenziwa kule nkundla.

Le nkundla yacelwa iSilo esibuzile uGoodwill  Zwelithini KaBhekuzulu ngo-2013 ngoba sikhala ngokuthi izintombi zoMkhosi woMhlanga azibinazo izindawo zokugeza nezokulala eziphephile uma zihlangene eNyokeni. 

Kwathi uma umsebenzi usuqalile, owayenguNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uMnuz Nathi Mthethwa wawumisa ngoba sekuvela amahlazo okuthi kukhona abasebezisikela kwelinonile ngokhuphula amanani okwakha nokuhlola indawo okwabe sekuphindwe kayisishiyagalobili

Uphenyo olwenziwa inkampani yakwaGobodo lwathola ukuthi umsebenzi owawuzoba inani elibalelwa ku-160 million wenyuswa ngenkohlakalo wayoshaya ku-R1 billion. 

Kwagcina kunombono wokuthi izindonga ezabe sezakhiwe zivele zibhidlizwe kuyekwe lo msebenzi. 

Nokho uMeyer uthe umsebenzi uqhubekile ngonyaka owedlule kanti kumanje ubheke esiphethweni ngamaphesenti angu-67.

“Angithandi ukugxila kulezi zinsolo zenkohlakalo ezisingethwe uHulumeni kazwelonke. Nokho engingakusho ukuthi lo msebenzi wale nkundla uzophothulwa ngoMfumfu okuyinyanga ezayo,” kuchaza uMeyer.

Uqhube wathi lo msebenzi wale nkundla usuwonke uzodla imali engu-R140 million.

Umeyer uthi ukuphothulwa kwale nkundla kuzosiza ekutheni kungabe kusaqashwa izinkundla uma kunemikhosi kaZulu kodwa konke kwenzelwe eNyokeni ngendlela enesithunzi nesizotha.

Ubuye wahlangana namakomiti omphakathi babhunga ngokuqhubeka komsebenzi nokuyilapho bembikele khona ukuthi bajabulile ngendlela umsebenzi owenziwa ngayo nangokuqashwa kwabantu bendawo.

Izihloko zakamuva