Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Amakhulu ezakhamuzi zase-Mthatha amashele ehhovisi lamaphoyisa endawo efuna ukuthi amaphoyisa athathele izinyathelo ukukhula kobugebengu endaweni.
Kule mashi bekukhona abantu bezinhlangano ezihlukene okubalwa kubo odokotela, abaholi bamabandla, izinhlangano ezingenzi nzuzo namaqembu ezepolitiki.
Kamuva nje, indawo yase-Mthatha ibe nokwanda okukhulu kobugebengu obuhleliwe, ikakhulukazi ukuqolwa kwabantu, amabhizinisi nezikole imali.
NgoNcwaba, i-Mthatha Ophthalmology Medical Practice ivalwe unomphela, ngenxa “yezenzo zobugebengu ezinonya”.
Namanye amabhizinisi avaliwe ngenxa yobugebengu, kanti ezinye izikole zike zabikwa ukuthi zihlaselwe yizigebengu.
Umgqugquzeli wale mashi, uNobhala we-ANC esifundeni uVinny Tsita, uthe nakuba sekuthunyelwe ithimba elikhethekile endaweni kodwa abantu abawethembi amaphoyisa.
“Abantu basezigodini zethu bayesaba ukubika ubugebengu ngoba abawethembi amaphoyisa,” kusho uTita.
Uqhube wathi le mashi ibihlose ukugqugquzela izisulu zokuqolwa ukuba ziphumele obala
Le mashi ibigxile kakhulu odlameni olubhekiswe kubulili kanye nokwebiwa kwemfuyo.
Umbhikisho ulandele ukuvakasha kukaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Fannie Masemola otshele abezindaba ngemizamo yamaphoyisa yokunqanda ubugebengu nokuqolwa kwezimali.
UMasemola uthe maningi amacala okuqola abantu imali angabikwa, watshela imiphakathi ukuthi iphumele obala.
Uthe inombolo entsha yocingo yokubika ukuqolwa kwabantu ithole izingcingo ezingu-1,180, kodwa ezingu-688 bekungezokudlala, kanti ezingu-38 kuphela ezamacala angempela okuqolwa.
NgoNcwaba, amaphoyisa athumela amanye amaphoyisa e-Eastern Cape ukuyobhekana nokuqolwa kwabantu. UMasemola uphinde wathi amaphoyisa ayazazi izigebengu futhi anohlu lwamagama azo.
Esithombeni ngenhla: Amakhulu ezakhamuzi zase-Mthatha amashele ukulwa nobugebengu ngoMsombuluko.
Umthombo: Sithunyelwe