Ithimba le-ANC linikwe ezinye izinyanga eziyisishiyagalolunye ukulungisa izinhlaka Ekurhuleni

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Amalungu angu-25 ethimba elijutshwe yi-ANC Ekurhuleni anikezwe ezinye izinyanga eziyisishiyagalolunye ehhovisi ukuze aqinise futhi akhe kabusha ubulungu beqembu namagatsha kumasipala omkhulu ngaphambi kokhetho lwasekhaya lwango-2026.

Isikhathi sethimba elijutshiwe bese siphelile, kodwa isigungu esiphezulu seqembu selinwebe isikhathi kuya kumhlaka-10 kuNhlangulana 2025, lapho kuzoba nengqungquthela yesifunda yokukhetha ubuholi obusha.

Encwadini ayibhalele umxhumanisi wethimba lesifunda (RTT) uJongizizwe Dlabathi, unobhala-jikelele we-ANC uFikile Mbalula uthe: “Uhlelo le-RTT luzonwetshwa ngezinye izinyanga eziyisishiyagalolunye kusukela ngomhlaka-10 kuMandulo 2024 kuze kube umhlaka-10 kuNhlangulana 2025.

“Lokhu kwenzelwa ukuthi i-RTT ikwazi ukwakha kabusha izinhlaka ze-ANC futhi ihole isifunda engqungqutheleni yesifunda.”

Ithimba lesifunda laqokwa ngomhlaka-10 kuMfumfu 2023 kulandela isinqumo senkantolo esasiyalela ihhovisi likazwelonke ukuba liliqoke, njengoba ikomidi eliphezulu lesifunda lahlakazwa ngesinqumo senkantolo.

Amalungu eqembu ayengeneme aya enkantolo ekhala ngezinqubo ezingafanele, okuhlanganisa ukucwaninga nokuqinisekisa amalungu, okwaholela engqungqutheleni yesifunda yango-2022.

Ikomidi elenza umsebenza kazwelonke (NWC) liqoke amalungu angu-25 e-RTT, kwathi imeya kamasipala okhona njengamanje, uNkosindiphile Xhakaza, waqokwa njengomxhumanisi.

U-Eric Xayiya uqokwe njengephini lomxhumanisi, i-MMC yezezimali, uDlabathi uqokwe njengomdidiyeli, uMoipone Mhlongo waba yiphini lakhe, kwathi u-Absalom Budeli waba wumqoqi wezimali.

I-ANC ibisemkhankasweni kazwelonke wokuzivuselela futhi izakhe kabusha, ikakhulukazi e-Gauteng naseKZN, ngemuva kokungenzi kahle kwayo okhethweni lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Iqembu seliphinde labuyela emandleni okuphatha iGoli kanye naseKurhuleni futhi lilwela ukuzuza i-Tshwane ngohulumeni wobumbano.

Ngesikhathi i-NWC ihambele lo masipala ngempelasonto, iPhini likaMengameli we-ANC uMnuz Paul Mashatile uthe iqembu limatasatasa nokubuyisa ukusimama komasipala abangasebenzi ngendlela.

“Kunenqwaba yamagatsha abengasebenzi ngesikhathi kukhankaselwa ukhetho; ezinye zezinhlelo ukuwavuselela,” usho kanje.

“Sikutholile nokuthi kunezingqinamba zokulethwa kwezidingonqangi kubantu, siyajabula ukuthi imeya ye-ANC ijube ithimba elizobhekana nezinselelo.”

Esithombeni ngenhla: Ithimba le-ANC eKurhuleni eliqokiwe labahlanu abahamba phambili.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva