Isihlabani somculo weKwaito uMapaputsi sidlule emhlabeni sineminyaka engu-45

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Isihlabani se-Kwaito uSandile Ngwenya obedume ngelikaMapaputsi ushone eneminyaka engu-45.

Imenenja yakhe, uBusi Kunene, iziqinisekisile lezi zindaba ezibuhlungu ku-TshisaLIVE, yathi uMapaputsi udlule emhlabeni ngoLwesine ebusuku.

Kuzokhishwa isitatimende sabezindaba, kanti kuzobanjwa isithangami nabezindaba khona maduze nje.

UMapaputsi, odume ngengoma yakhe ethi “Izinja” usenesikhathi esingaphezu konyaka engaphilile.

Umngani osondelene naye ongathandanga kudalulwe igama lakhe, uthe nakuba uMapaputsi ekhombise ukwelulama kodwa bekungenzeka ukuthi uphonse ithawula ngenxa yobuhlungu obukhulu abebuzwa.

“Ubekhombisa ukululama, kodwa ngicabanga ukuthi ubesekhathele. Ubezwa izinhlungu, kodwa ubebheke ngabomvu ukubhukhwa ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi,” kusho umngani.

Omunye umngani uthe: “Sibuhlungu ngalezi zindaba. Besicabanga ukuthi azilona iqiniso, kodwa sesibonile ukuthi kuyiqiniso. UMngani wami akasekho, uhlulekile ukulwa ukuze alulame.”

Ngenyanga edlule nje uMapaputsi waphika amahlebezi okuthi ulele embhedeni uyagula. Uveze ividiyo ku-status sakhe ku-WhatsApp ngesikhathi eseThekwini, wathi usijabulele isikhathi sakhe waphinde wagqugquzela abantu ukuthi bambhukhele imicimbi.

Osesithombeni ngenhla: USandile “Mapaputsi” Ngwenya.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva