UMeyer uthi sekuzoqoshwa ukuqashwa kwabasebenzi kanye nemihlangano yamathenda

Lubhalwe nguSihle Mavuso

UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal, uMnuz Martin Meyer, usethule izinyathelo ezintsha zokulwa nenkohlakalo ekuqashweni kwabasebenzi kanye nokukhishwa kwamathenda.

Kusukela manje kuya phambili, zonke izinhlolo-khono zabasebenzi kanye nemihlangano emayelana namathenda kufanele kuqoshwe ngokugcwele ngevidiyo kuzwakale yonke into.

Lo ngqongqoshe we-DA uthe izinhlelo zokuqashwa kahulumeni sekuneminyaka eminingi zisolwa ngokungabi nabulungiswa, nezimangalo zokukhetha izihlobo (ukuvuna umndeni nabangani), inkohlakalo, kanye nezivumelwano zangaphakathi.

Lokhu sekuholele ekutheni umphakathi ungamethembi uhulumeni. Ube esechaza ukuthi amathenda kahulumeni (amabhidi ezinkontileka) ajwayele ukwenziwa isinyenyela okuholela ekutheni kube nezikhalo ngokukhwatshaniswa nokungaphathwa kahle kwezinhlelo.

“Njengohulumeni wobumbano lwezifundazwe, sizibophezele ekubuyiseleni lokho kuthembana. Kusukela namhlanje, zonke izinhlelo ezintsha zokuqokwa kanye nezinqubo zamathenda zizobhekwa ngeso elibukhali ngenhlolokhono erekhodiwe,” kusho uMeyer.

Ukubeke kwacaca ukuthi noma iyiphi inqubo yokuqasha noma yethenda engalandeli lo mthetho omusha kuzophoqeleka ukuthi iyekwe.

Lezi zinyathelo zenzelwe ukuqinisekisa ukuthi izinqubo zinobulungiswa futhi zivulekile.

“Ngokwenza lokhu, sifuna ukumisa izimangalo zokungabi nabulungiswa nokuchema okudale izinkinga phambilini. Lokhu kuzophinde kuthuthukise isithunzi soMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal,” kwengeza uMeyer.

Ukurekhodwa kuhloswe ukuvikela abasebenzi nosonkontileka ekumangaleleni okungamanga nokubuyisela ukwethenjwa komnyango ngumphakathi.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe uMartin Meyer uthi lesi sinyathelo sizoyiqeda nya inkohlakalo.

Umthombo: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva