Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Amaphoyisa anesiqiniseko sokuthi ashaqe amaqembu amakhulu ezigebengu akhiqiza amaphepha omgunyathi e-Gauteng.
Lokhu kuza ngemuva kokubopha abantu abahlanu ngoLwesine ntambama e-Kempton Park, e-Gauteng, ngokukhiqiza inqwaba yamaphepha nezitifiketi komgunyathi.
Batholakale nemishini eminingi yokukhiqiza izitifiketi ezikhishwa ngamaphoyisa, izincwadi zokushayela, izitifiketi zikamatikuletsheni, izitifiketi ezigunyaza ukudubula ngesibhamu, ama-payslip kanye nezincwadi ezikhishwa odokotela.
Okhulumela uMnyango wamaPhoyisa kaMasipala waseKurhuleni, uThabiso Makgatho, uthe ithimba lamaphoyisa edolobha kanye nophiko olukhethekile lwezomthetho e-Gauteng babophe abantu ababili base-Malawi, ababili base-Nigeria kanye noyedwa waseNingizimu Afrika ngokukhiqiza amaphepha omgunyathi.
“Amalungu ezomthetho athole imininingwane ngemithombo ethile mayelana neqembu elisebenza ngokwenza izitifiketi zomgunyathi,” kusho uMakgatho.
“Ngesikhathi befika [endaweni], bathole imishini yokwenza amakhophi, i-fax neyokushisisa, abasolwa abayisebenzisa ukuphrinta amaphepha omgunyathi.”
Abasolwa, ababili abase-Malawi, ababili abase-Nigeria kanye nowaseNingizimu Afrika baboshwe esiteshini samaphoyisa e-Kempton Park kanti babhekene namacala okukhwabanisa, nokuzama ukugwazela amaphoyisa ngo-R1 000.
Odabeni oluhlukile, ngoLwesithathu, abantu ababili base-Cameroon, uJude Yaya Oka no-Evans Akor Tiku, bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli ngezinsolo zokwenza imali yomgunyathi yaseNingizimu Afrika neyaseMelika.
Okhulumela oKlebe uKaputeni Lloyd Ramovha uthe: “Ithimba lifike endaweni yase-Silver Lakes, ePitoli. Kuseshwe indawo okugcinwa kuyo izinto ngemuva kokuba abasolwa ababili kuxoxiswane nabo.

“Ngaphakathi endaweni okugcinwa kuyo izinto bekukhona opulasitiki abamnyama abebelayishwa abasolwa emotweni ebimile eduzane. Kushaqwe imali yaseNingizimu Afrika yomgunyathi, amadola aseMelika kanye neprinta esetshenziswa ukukhiqiza le mali mbumbulu. Laba bathweswe icala lokwephula umthetho we-Currency Act kanye nokwephula umthetho we-Reserve Bank Act.
Kweminye imisebenzi eminingi, uPhiko Lwempahla Yomgunyathi Kazwelonke luhole umkhankaso wophiko lwezobunhloli obeluqhutshwa ngabomthetho ezingxenyeni ezahlukene zezwe futhi lwashaqa izimpahla zomgunyathi ezibiza ngaphezu kwezigidi ezingu-R94 kwaboshwa abantu bangaphandle abahlanu.
ULieutenant-Colonel Amanda van Wyk wophiko loKlebe uthe esikhathini esingaphansi kwamasonto amathathu, uphiko lwamaphoyisa aseNingizimu Afrika kanye nozakwabo abalwa nobugebengu bashaqe izimpahla zomgunyathi zenani elingaphezu kuka-R94-million babopha abantu bokufika abahlanu.
● Ngomhlaka-16 kuNcwaba, izingubo zomgunyathi namateku kwentengo engaphezu kuka-R37-million, kushaqwe endaweni yokuzigcina e-Doornfontein, e-Gauteng.
● Ngomhlaka-25 kuNcwaba, izimpahla zomgunyathi, okuhlanganisa amateku, izingubo zokugqoka, amawashi nobhakha kwenani elingaphezu kuka-R41-million, zashaqwa enxanxatheleni yezitolo e-Bellville, e-Western Cape.
● Ngomhlaka-29 kuNcwaba, amaphedi, iziqedaphunga nezinye izinto ezisetshenziswayo ezibiza ngaphezu kuka-R4.8-million zashaqwa endaweni yokuzigcina e-Mayfair, eGoli.
● Ngomhlaka-29 kuNcwaba, kwashaqwa amaphedi omgunyathi, izinwele zokuluka (hairpiece), izixubho nezinye izinto ezisetshenziswayo ezibiza ngaphezu kuka-R9.3-million endaweni encane e-Bredell, e-Kempton Park.
● Ngomhlaka-2 kuMandulo, upholishi wezicathulo mbumbulu, isiqedaphunga, izixubho nezinye izinto ezisetshenziswayo ezibiza ngaphezu kuka-R2-million zashaqwa endaweni yokuzigcina e-Bonaero Park, e-Benoni, e-Gauteng.
Esithombeni ngenhla: Abasolwa abahlanu baboshelwe ukukhiqiza amaphepha omgunyathi, ukutholakala neminye yemishini namaprinta asetshenziselwa ukuphrinta amaphepha omgunyathi.
Umthombo: Umnyango wamaphoyisa kamasipala waseKurhuleni