Author: N5

Kwengezwe u-R16 million ukulwa nobugebengu eNelson Mandela Bay

INelson Mandela Bay izosebenzisa u-R16-million ukuthenga ubuchwepheshe obusezingeni eliphezulu ukusiza ukulwa nobugebengu obudlangile kuleli dolobha ngenkathi yandisa ukubakhona kwamaphoyisa ezindaweni ezinobugebengu.

UMcKenzie noGwarube basayine isivumelwano sokuvuselela ezemidlalo ezikoleni 

ONgqongqoshe uSiviwe Gwarube kanye noGayton McKenzie basayine isivumelwano sokubuyisa ezemidlalo ezikoleni eNingizimu Afrika yonkana.

Isikhulu esiphezulu samaphoyisa kamasipala Ekurhuleni sisolwa ngokuhlukumeza ngokocansi

Isikhulu samaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni sisobishini ngemuva kwezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi nokungaziphathi kahle.

Kuminze intombazanyana esigamekweni okusolakala ukuthi esokuziphindiselela

Intombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala yase-Eastern Cape kusolwa ukuthi iminze ngesandla sowesifazane obesola umama wengane ngokufa kwengane yakhe.

ISundowns kumele ibuyele ekudlaleni kwayo okujwayelekile

Ezemidlalo: UMichael Madyira ucebisa ngokuthi iqembu kumele lisheshe libuyele emandleni ngoba iKaizer Chiefs noma i-Orlando Pirates basethubeni lokuhamba phambili kule sizini.

Ukaputeni webhola lezinyawo wase-Spain usefake isehlukaniso nonkosikazi ngemuva kwengxabano nge-Euro

U-Alvaro Morata nonkosikazi wakhe, u-Alice Campello, bayahlukana kulandela ingxabano emayelana nezindlela zokugubha ukunqoba kwe-Spain i-Euro 2024.

Seliphenduke inhlekisa ilungu le-MK uLucky Montana 

Usephenduke ihlaya owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Prasa uLucky Montana owethula uDaniel Mthimkhulu njengonjiniyela osezingeni eliphezulu futhi owayefunwa kakhulu yizinkampani zamazwe ngamazwe.

Asikakhishwa isinqumo samaLungu ePhalamende aphikisa ukuxoshwa kwi-MK

Izingxoxo zokuthi kuxazululwe udaba ngaphandle kwenkantolo aziphumelelanga ngakho izinhlangothi zizoqhubeka nokuphikisana ngecala lazo enkantolo ngoLwesithathu.

I-ANC ilande abahlwitha iKZN kwi-IFP ukuzovuselela amagatsha

I-ANC KwaZulu-Natal isilande izingwevu ezawunqobela iKZN ngo-2004 ukuba zizowulekelela ekuvuseni amagatsha abhidlizwe ukusungulwa koMkhonto weSizwe.

Umasitende ubhekene necala lokudlwengula ngemuva kokufuna ucansi njengerenti

“Ngazama ukwenqaba, kodwa wasabisa ngokuthi uzosixosha futhi asenze singabi namakhaya.”

Indodakazi ivalelwe esitokisini samaphoyisa ngelokubulawa kukababa wayo ohola impesheni 

Kusolwa ukuthi wayalela ukubulawa kwakhe ukuze athole imali yakhe yomshwalense ukuze akhokhele izikweletu zakhe.

Izigameko zokuqolwa kwemali zifaka uvalo ngemfundo e-Eastern Cape

Ukukhula kwezigameko zokuqolwa kwemali okubhekiswe ezikoleni zikhathaza uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo njengoba kusondela izivivinyo zokuphela konyaka.

Recent articles

spot_img