Asikakhishwa isinqumo samaLungu ePhalamende aphikisa ukuxoshwa kwi-MK

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Libuyela eNkantolo eNkulu yase-Western Cape icala lamaLungu ePhalamende ayishumi aphikisa ukuxoshwa kwawo yiqembu loMkhonto weSizwe (MK).

Umzamo womzuzu wokugcina wokuthi udaba luxazululwe ngaphandle kwenkantolo awuphumelelanga.

Ithimba labameli bamaLungu ePhalamende lichithe isikhathi salo sonke lihlasela incwadi efungelwe eyafakwa ngowayengumengameli uJacob Zuma njengomsunguli nomholi weqembu.

Phakathi kwezinto abakhulume ngazo nenkantolo kubalwa ezomthetho, ngemuva kokuthi uZuma ethe isinqumo sithathwe eNkandla eKZN wathi udaba kumele luqulwe khona.

Ithimba labameli labafake izicelo lithe iNkantolo eNkulu yase-Western Cape iyinkantolo efanele njengoba lolu daba luthinta amalungu asePhalamende laseKapa.

Baphinde baveza nokuthi uZuma wayefihla iqiniso ngesikhathi ethi amaLungu ePhalamende aholwa nguThami Khuzwayo awakaze abe nobulungu beqembu le-MK. Bathe abafake izicelo bebengamalungu eqembu ngaphambi kokuthi baxoshwe.

Ithimba labameli beqembu le-MK liphikise ngokuthi ukuxoshwa kwaqhutshwa ngendlela efanele futhi amaLungu ePhalamende abezama ukuthola izinzuzo ezingafanele ngokucela inkantolo ukuba ikuhoxise ukuxoshwa kwawo.

Emuva kwalezi ngxabano kube nekhefu elincane lapho zonke izinhlangothi zizame ukuxoxisana ngaphandle kwenkantolo kodwa kwatholakala ukuthi udaba lubuyela enkantolo kusasa.

Esithombeni ngenhla: UJacob Zuma.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva