ONgqongqoshe uSiviwe Gwarube (weMfundo eyisiSekelo) kanye noGayton McKenzie (wezemiDlalo, ubuCiko, mamaSiko) bahlela ukufaka izikhungo zemidlalo kuzo zonke izikole zaseNingizimu Afrika.
NgoLwesithathu basayine isivumelwano sokubuyisa ezemidlalo ezikoleni ezweni lonke.
Labo bongqongqoshe bakholelwa ukuthi bonke abafundi kufanele babe namathuba alinganayo okubamba iqhaza kwezemidlalo, futhi lesi sivumelwano sizoqinisekisa ukuthi bonke abafundi, ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya, babamba iqhaza kwezemidlalo.
UMcKenzie, oweseka ngokuqina ezemidlalo ezikoleni, ukhulume ngesidingo sokuvala igebe phakathi kwezikole zasemakhaya nasemadolobheni.
Ufuna zonke izingane zibe namathuba afanayo kwezemidlalo, kungakhathaliseki isizinda sazo noma isimo sezimali.
UGwarube uthe: “Kunabafundi abangu-13.5-million ezikoleni zethu, futhi bonke bafanelwe ithuba lokudlala ezemidlalo. Noma ngabe ungowasemakhaya noma edolobheni, sifuna nawe uthole amathuba afanayo.”
UMcKenzie wengeze ngokuthi: “Sibuyisela ezemidlalo ezikoleni, [kanye] nezobuciko, namasiko, futhi sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi imali ayisona isithiyo sokuthi izingane ziphumelele. Lesi kuseyisiqalo.”
Lesi sivumelwano siyingxenye yohlelo olukhulu lokuthuthukisa imisebenzi yangemva kwesikole, okuhlanganisa ezobuciko namasiko, ezikoleni zikahulumeni kanye nokuqinisekisa ukuthi bonke abafundi banezinsiza abazidingayo.
NgoNtulikazi, uMcKenzie uphinde wamemezela izinhlelo zakhe zokuthuthukisa imidlalo yomdabu, evame ukunganakwa.
Ukholelwa ukuthi le midlalo ingasiza ukugcina izingane zimatasa, zibungaze amasiko, futhi yeseke ukuthuthukiswa kwentsha.
“Ingane ezibandakanya nezemidlalo yingane ehambela kude nezinkinga,” kusho uMcKenzie.
“Sizoqeda ubugebengu ngemidlalo futhi siqinisekise ukuthi yonke ingane inamathuba.”
Luhlanganiswe ngumbhali we-Staff
Esithombeni ngenhla: ONgqongqoshe uSiviwe Gwarube noGayton McKenzie ngoLwesithathu basayina isivumelwano sokubuyisela ezemidlalo ezikoleni.
Umthombo: UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo/X