Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Intombazanyana eneminyaka eyisithupha ubudala, uLikuwe Mpokopi, iminze esigamekweni okukholakala ukuthi ngesokuziphindiselela e-Upper Ngqwarha, e-Mqanduli, e-Eastern Cape.
NgoMsombuluko amaphoyisa abophe owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala ngemuva kokutholakala kukaLikuwe emfuleni i-Ngcanasini eshonile.
Umndeni wakwaMpokopi uthe uLikuwe ubedlala nezinye izingane ngesikhathi umsolwa emcela ukuthi ahambe naye.
ULikuwe ube esetholakala ebheke phansi emfuleni elimele ekhanda.
Izakhamizi zikholelwa ukuthi umsolwa, obehlala nomndeni wakwaMpokopi ngemuva kokushona kwengane yakhe ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, kungenzeka ukuthi ubesola umama kaLikuwe ngokufa kwengane yakhe, okuholele kulesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Welile Matyholo uthe: “Uphenyo lumatanisa owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala nokufa kwengane, kanti icala selishintshiwe ekubeni elokuphenywa laba ngelokubulala.”
Umsolwa uvele enkantolo ngoLwesithathu.
Okhulumela i-NPA uLuxolo Tyali ukuqinisekisile ukuthi uNoluvuyo Sinyikatha uvele eNkantolo yeMantshi yase-Mqanduli ngoLwesithathu.
“Ubhekene necala lokubulala ehlosile. Icala lihlehliselwe umhlaka-10 kuMandulo ukuze afake isicelo sebheyili,” kusho uTyali.
Esithombeni ngenhla: Ozankosi bamaphoyi.
Umthombo: Ifayela
