Izigameko zokuqolwa kwemali zifaka uvalo ngemfundo e-Eastern Cape

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, ukhathazekile ngokwanda kobugebengu obuthinta izikole. 

Uqale uhambo lokufunda nokulalela ezweni lonke ngoLwesithathu e-Westview Special School e-Gqeberha.

Zinyuke kakhulu izigameko zokuqolwa kwemali ezikoleni zase-Eastern Cape. Esontweni eledlule uthishanhloko waseZakhele Primary, KwaBhaca, udutshulwe wabulawa phambi kothisha nabafundi esigamekweni okukholakala ukuthi sihlobene nokuqolwa kwemali.

UGwarube uthe umnyango wakhe ukubheka njengento ebucayi ukuqolwa kwemali ezikoleni, ikakhulukazi njengoba sekusondele izivivinyo zikamatikuletsheni.

“Kodwa okunye engize lapha ukuzokulungisa udaba oluthinta ezokuphepha ezikoleni nasemiphakathini, njengasezindaweni ezisenyakatho neNelson Mandela Bay nasesifundeni i-OR Tambo lapho sibona ukwanda kobugebengu emiphakathini, okuthinta izikole,” kusho uGwarube

Uthe umnyango wakhe maduze nje uzoxhumana noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu mayelana nokungenelela ukuze kuvikelwe izikole njengoba kuza izivivinyo.

Kwesinye isigameko uthishanhloko wesikole i-Efata Special School for the Blind and Deaf uthole umyalezo osabisayo othi akathumele u-R50 000 ebhange uma kungenjalo ngeke aphile kuleli sonto.

NgoLwesibili kusabalale umbhalo enkundleni yezokuxhumana ucela abazali ukuthi bayolanda izingane zabo esikoleni i-Efata njengoba bekuvalwa isikole ngenxa yezinsongo zokuqolwa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMalibongwe Mtima, uthe umnyango uyazi ngalo mbhalo osezinkundleni zokuxhumana futhi usuthumele izikhulu zesifunda ukuthi ziyohlangana nesikole.

“Ngesikhathi sithola lo myalezo obusabalala ezinkundleni zokuxhumana, umnyango ubize umhlangano esikoleni nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. 

“Kuvunyelwane ngokuthi bonke abafundi mababuyele esikoleni kwakhethwa ithimba elizokwazisa abazali abathathe izingane, ukuba bazibuyisele esikoleni. Ngakho ukufunda kuzoqhubeka kusasa,” kusho uMtima.

Uthe umnyango uzomemezela indlela eya phambili ngemuva komhlangano.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo uSiviwe Gwarube kanye noNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape uFundile Gate.

Umthombo: Facebook/m=

Izihloko zakamuva