Ukaputeni webhola lezinyawo wase-Spain usefake isehlukaniso nonkosikazi ngemuva kwengxabano nge-Euro

Lubhalwe nguRazeen Gutta

U-Alvaro Morata nonkosikazi wakhe, u-Alice Campello, kubikwa ukuthi banqume ukuhlukana ngemuva kwengxabano eshubile kulandela ukunqoba kwe-Spain i-Euro ka-2024 ihlula i-England ngoNtulikazi. 

UMorata uchaze ukuhlukana ngokuthi kubuhlungu, kanti uCampello uchaze ukuthi ukuhlukana akubangelwa ukuphinga emshadweni wabo kodwa ukungabikhona kozinzo ebudlelwaneni babo.

Intatheli yase-Spain u-Alexia Rivas udalule ukuthi ukungezwani phakathi kwala bashadikazi kufinyelele esimweni esibucayi phakathi nemigubho ye-Euro ka-2024 e-Germany. 

UCampello kuthiwa ubefuna ukugubha noMorata nezingane zabo bodwa, ngaphandle kwabazali bomyeni wakhe abathintekayo.

Njengoba uMorata ejwayela impilo yeqembu lakhe elisha, i-AC Milan, kubonakala sengathi laba bashadikazi ngeke babuyelane ngoba sekunamaphepha esehlukaniso aselungisiwe.

“Ngikhathele ngabantu abangisola ngokungathembeki,” uMorata etshela uD Corazon ku-La 1. 

“Angizange ngiye ngisho nasephathini yeqembu lesizwe ukuze ngigweme amahlebezi. Ngiphatheke kabi. Ngishiye e-Spain ngoba angisakwazi ukumelana nengcindezi nokugxekwa.”

Esithombeni esingenhla: U-Alvaro Morata.

Umthombo: @fabrizioromano

Izihloko zakamuva