Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UMasipala iNelson Mandela Bay ubeke eceleni imali engaphezulu kuka-R16-million ukusiza ukunciphisa ubugebengu kuleli dolobha elibhekene nodlame lwamaqembu ezigelekeqe nezinga eliphezulu lokubulala.
UBuyelwa Mafaya, ongu-MMC we-Budget and Treasury, umemezele lokhu emhlanganweni womkhandlu ngoLwesibili.
Uthe: “Siyaliphendula ikhwelo lokuthi kuthathwe izinyathelo ezinqala ukulwa nobugebengu. Ukushoda kwezinsiza kube yinkinga enkulu, kodwa lolu xhaso luzokwenza umehluko omkhulu.”
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Senzo Mchunu usanda kuvakashela leli dolobha, ebambe imihlangano ezindaweni ezinobugebengu futhi ememezela ukuthi kuzotshalwa izinhlaka ezikhethekile zamaphoyisa ezizoqala ukusebenza ezindaweni ezithintekile ngokushesha.
UKhomishana wamaphoyisa kaMasipala u-Andrew Moses uthe amaphoyisa asebenzisa izindlela ezintsha zokubhekana nobugebengu.
Lolu hlelo luhlanganisa ukusebenzisa amakhamera e-CCTV, ubuchwepheshe be-shot-spotter ukuhlonza ukuqhuma kwezibhamu, izimoto eziqaphayo, kanye nokwanda kwamaphoyisa ezindaweni ezinobugebengu obuphezulu.
“Sijabule ngoxhaso lwesabelomali, luzosisiza kakhulu ekwenzeni idolobha liphephe,” kusho uMoses.
Ibamba lemenenja yedolobha uMandla George wengeze ngokuthi idolobha lihlela ukuqala kabusha uhlelo lwalo lwamakhamera e-CCTV.
“Sesiwahlolile amakhamera, asasebenza, manje sisezinhlelweni zokuqasha inkampani ezophatha lolu hlelo,” usho kanje.
Esithombeni ngenhla: Isabelomali sikaMasipala weNelson Mandela Bay Metropolitan Municipality kanye ne-MMC yoMgcinimafa uBuyelwa Mafaya.
Umthombo: Facebook/NMBM