Isikhulu esiphezulu samaphoyisa kamasipala Ekurhuleni sisolwa ngokuhlukumeza ngokocansi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ikusasa lesikhulu samaphoyisa kamasipala wase-Ekurhuleni, u-Isaac Mapiyeye, alicacile njengoba umkhandlu wedolobha uzovotela ikusasa lakhe.

UMapiyeye ubhekene namacala okungaziphathi kahle, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokuhlukumeza amaphoyisa kamasipala amabili esifazane.

NgoLwesibili, umkhandlu uhlangane esigcawini ukudingida umbiko omubi ngalezi zinsolo.

Lolu daba seluhlehliswe izinsuku eziyisikhombisa ukuze kulandelwe imigudu efanele ngaphambi kokuthi lwethulwe emkhandlwini.

Omunye wabagilwa wavula icala lokuhlukumeza ngokocansi nokusabisa ngomhlaka-4 kuNtulikazi, kwathi ngomhlaka-12 kuNtulikazi wafaka isikhalo kwinhloko yomnyango ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi akaxhumani noMapiyeye.

Encwadini efungelwe yamaphoyisa, umgilwa uthi wavimba izingcingo zikamakhalekhukhwini zikaMapiyeye, kodwa ngomhlaka-13 kuNtulikazi uMapiyeye wafonela udadewabo kamgilwa izikhathi ezine phakathi kuka-10:47 no-1.23 ebusuku waphinda futhi ngomhlaka-21 kuNtulikazi ngo-2 emini.

Ngenxa yalokho, ngomhlaka-14 kuNtulikazi washaywa uvalo waba nokukhathazeka. Kuthe eyohlolwa udokotela wabe esengeniswa esibhedlela ngenxa yokukhathazeka nokucindezeleka okukhulu.

Incwadi evela kudokotela womgilwa ifakwe njengengxenye yobufakazi obulethwe emkhandlwini.

I-EFF ithi uMapiyeye akamiswe ngokushesha futhi ikholelwa ukuthi i-ANC iyamvikela.

USihlalo we-EFF esifundazweni, uNkululeko Dunga, uthe i-ANC ne-DA bamvikele uMapiyeye ngenxa yobudlelwano bezepolitiki abafuna ukubakha.

“Ngokwenqubo nemithetho yodaba oluzithola selusemkhandlwini, imenenja yedolobha bekuyijoka layo ukuthi idlulisele udaba esiShayamthetho (ehhovisi likaSomlomo) kwazise isigungu esiphezulu sihlulekile ukulethula emkhandlwini.

“Sikhulumile neMeya uNkosindiphile Xhakaza mayelana nokungahambisani ngokubambezela kwakhe ngokufuna ukuxoxisana nomsolwa ekubeni ebhekene nezinsolo ezibucayi kanje,” kusho uDunga.

UMnuz Jongizizwe Dlabathi we-ANC uthe iqembu lakhe lifuna kulandelwe imigudu efanele ukubhekana nalolu daba.

“Indlela udaba olwethulwe ngayo emkhandlwini ayidlulanga ohlelweni olubekwe yikomidi lemeya lapho imeya bekumele ichazelwe khona.

“Udaba lufike ngendlela engeyiyo esiShayamthetho. Asimvikeli umsolwa kodwa asifuni ukuthi udaba lulethwe emkhandlwini ngokungemthetho,” usho kanje.

USiyanda we-ActionSA unxuse ukuthi kubuyekezwe ubuholi bomnyango wamaphoyisa kamasipala waseKurhuleni.

“Ngenyanga edlule, sikhiphe isitatimende esinezinsolo zokuthi iPhini leNhloko yamaphoyisa, uJulius Mkhwanazi, usolwa [ngokufuna] ucansi ukuze anikeze imisebenzi,” usho kanje.

Esithombeni ngenhla: Isikhulu samaphoyisa kamasipala waseKurhuleni u-Isaac Mapiyeye.

Umthombo: Uthunyelwe

Izihloko zakamuva