Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
I-ANC KwaZulu-Natal isilande izingwevu ezayinqobela iKZN ngo-2004 ukuba zizolekelela ekuvuseni amagatsha abhidlizwe ukusungulwa koMkhonto weSizwe.
UDkt Sbu Ndebele wayenguSihlalo kaKhongolose ngo-2004 ngesikhathi i-ANC ihlwitha isifundazwe kwi-IFP eyayisihlulwe kuso kusuka ngokhetho lwango-1994 nolwango-1999.
I-ANC iphinde yafaka owayenguSihlalo we-ANCWL uNkk Weziwe Thusi naye amagalelo akhe agqama ngesikhathi i-ANC ithatha omasipala be-IFP ngevoti labesifazane ngo-2011.
Abanye kube uMnuz David Mahlobo oyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Sibongile Besani ojutshwe njengomdidiyeli waleli komidi, uMnuz Mike Mabuyakhulu nabanye.
UNobhala kaKhongolose eKZN uMnuz Bheki Mtolo uthe bavumelane ngalamagama emhlanganweni wesigungu sesifundazwe obuhleli eHarry Gwala.
“Umsebenzi walaba ukuvuselela amagatsha kaKhongolose ngoba ashayeke kakhulu, empeleni afile ngakho sibone kungcono ukuba siwavuselele. Okunye ukubabuthaka kwamagatsha kudalwe nawubudedengu bethu bokuthi kunganakwa indaba yomhabulo nokugcine ngokuthi sizithola sisenkingeni yamaqabane anhlanhlathayo,” kusho uMtolo.
Uthe kulokhu bazimisele ukuba uKhongolose uzalwe kabusha uphinde ubuyelwe isithunzi nokwethenjwa emphakathini.
I-ANC izithole isilahlekelwa ukwesekwa ngemuva kokhetho lwezifundazwe nozwelonke ngoNhlaba kulo nyaka.
E-KZN ilahlekelwe izihlalo ezingu-30 nokuphoqe ukuba ingene kuHulumeni woBumbano ne-DA, IFP ne-NFP.
Ukuvumbuka kweqembu uMkhonto weSizwe Party (MKP) kubalimazile, ikakhulukazi ngesikhathi owayenguMengameli uJacob Zuma ememezela ngoZibandlela odlule ukuthi uzovotela futhi akhankasele i-MKP.
I-ANC ikhala nangokuthi kukhona abasuke badunga izinhlaka zabo, benxenxa amalungu ngobuzwe bokuba amaZulu.
Ikhala ngokuthi kukhona nabadunge imiqondo yabantu sebethi bafuna iKZN ibeyizwe lakwaZulu elinguzimele geqe.