Indodakazi ivalelwe esitokisini samaphoyisa ngelokubulawa kukababa wayo ohola impesheni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngemuva kwesonto ephila ngokusabela impilo yakhe, ohola impesheni uWilliam Masumpa uklinywe washona ngezintambo zamakhebula embhedeni ngababulali abangaziwa ngoLwesibili ebusuku.

Esontweni elandulela ukushona kwakhe, lona ohola impesheni oneminyaka engu-78 wakhala emndenini wakhe ngamadoda angaziwa abemlandela.

Engxoxweni abe nayo ne-Scrolla.Africa, unkosikazi kaMasumpa, uTinah Masumpa (74), uthe umyeni wakhe ubevame ukwesaba ukuphuma egcekeni njengoba bekukhona abantu abebemlandela.

“Ngambuza ukuthi kukhona yini amukweletayo, wathi cha, ukhokhe yonke imali ayeyibolekile futhi akanazo izitha.

“NgoMsombuluko ebusuku kwafika amadoda egcekeni abingelela umyeni wami esekhishini, ahamba engashongo lutho.”

Kusolwa ukuthi abasolwa abathathu abebehlomile babuye ngobusuku obulandelayo; omunye wayala indodakazi kaMasumpa ukuthi ihlale egumbini lokuphumula ingasuki. 

Abanye abasolwa ababili baye egumbini lakhe umkhulu uMasumpa, abelele kulo bamklinya ngezintambo zamakhebula, waze waphefumula okokugcina.

Baphuma ekamelweni lakhe, batshela umsolwa obesegunjini lokuphumula ukuthi sebeqedile. Bobathathu base bebaleka endaweni yesigameko.  

Okhulumela amaphoyisa aseKurhuleni, uKaputeni Nelda Sekgobela, uthe amaphoyisa aseDuduza aphenya icala lokubulala.

Indodakazi, (43), iboshiwe kanti izovela eNkantolo yeMantshi yase-Nigel ngoLwesithathu, mhlaka-5 kuMandulo. 

Isihlobo salo mndeni esingathandanga ukudalulwa igama sisola ukuthi indodakazi inenkinga yezimali yaze yayalela ukuthi kubulawe uyise ukuze izothola imali yomshwalense.

Indodakazi kaMasumpa ihlale naye kusukela ngonyaka odlule ngemuva kokuhluleka ukukhokha imali yendlu yayo.

Umfowabo, uVuyisile Masumpa, uthe konke okufunwa wumndeni wukuthi noma ngubani owenze isihluku sokubulala ajeze ngecala.

“Uma kuyindodakazi yakhe eyalele ukuthi abulawe, kumele ibhekane nomthetho njengazo zonke izigebengu.

“Abasolwa bebengenanhliziyo; bamzwise ubuhlungu umfowethu baze bamnquma uqhoqhoqho. Kungani bengamdubulanga okungcono ukuze kungabi buhlungu?”

Esithombeni ngenhla: UWilliam Masumpa obulewe embhedeni wakhe.

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva