Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ufuna iqembu lakhe lisheshe lizibekisele indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
INingizimu Afrika iku-Group K, kanye ne-Uganda, i-South Sudan, ne-Congo-Brazzaville.
Iqembu lizoqala uhambo lwalo lokuhlungela ngokubhekana ne-Uganda e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu bese lidlala ne-South Sudan ngoLwesibili.
UBroos uhlose ukuyinqoba yomibili imidlalo kanye nezodlalwa ngoMfumfu ne-Congo.
“Siyazethemba futhi siyakholelwa kuthina ukuthi sizoyiqala ngamandla imidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2025,” usho kanje.
UBroos ukhulume ngokubaluleka kwesiqalo esihle.
“Uma uqala kahle kuyawacindezela amanye amaqembu. Sinekhwalithi negama elihle njengelinye lamaqembu ahamba phambili e-Afrika. Sidinga ukukugcina lokho ngokuthola imiphumela emihle ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.”
UBroos ufuna amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili ezayo. Uma iBafana Bafana iyinqoba yonke imidlalo emine ngoMandulo nangoMfumfu, izongena kwi-Afcon 2025 njengoba kuzobe kusasele imidlalo emibili.
Nokho, uBroos uyaqikelela ukuthi angazibukeli phansi izmbangi zabo.
“Sinezinga eliphezulu nokuzethemba, kodwa akumele sibukele phansi i-Uganda ne-South Sudan. Bangamaqembu aqinile anabadlali abanekhono.”
Ukaputeni uRonwen Williams kanye nesekela likakaputeni uPercy Tau abekho, kodwa umdlali weMamelodi Sundowns uThemba Zwane uzoba ukaputeni weqembu kule midlalo.
Esithombeni ngenhla: Abadlali beBafana Bafana bezilolongela e-Dobsonville Stadium ukulungiselela umdlalo wabo ne-Uganda.
Umthombo: Bafana Bafana
