Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UHulumeni waKwaZulu-Natal uhlela izingxoxo ezijulile ukulungisa amafemu akwaSithebe eMandeni acekelwa phansi ngesikhathi sezibhelu zango-2021.
Lokhu kuvezwe oyiNhloko yezokuxhumana kuHulumeni uMnuz Bongani Gina obecacisa ngezinhlelo zikaNdunankulu wesisundazwe uMnuz Thami Ntuli ngamafemu akwaSithebe.
Uthe uNdunankulu uhlela ukuyohlangana nazo zonke izinhlaka ezithintekayo okungamakhosi, izinduna nomphakathi nosomabhizinisi abathintekayo ukuze kuqhanyukwe neqhingasu lokuvuselela izimboni.
“Ngemuva kwalokho uNdunankulu uzobe esebeka imigomo ezolandelwa ukuvuselela izakhiwo eseziphenduke imihhume yabaphangi nezasala dengwane ngesikhathi sezibhelu,” kusho uGina.
Amafemu akwaSithebe kusuka ngo-2016 abelokhu ebhekana nolaka lokucekelwa phansi. Kuthe ngawo u-2016 kwabanombhikisho owathatha isonto lonke umphakathi ufuna kuxoshwe owayeyiMeya yaseMandeni uMnuz Sphe Zulu ngoba esolwa ngenkohlakalo.
Umphakathi wabe usukhiphela ulaka lawo emafemini uwashisa. Lokhu kwaholela ekutheni kubaleke abatshali zimali bethi indawo yaseMandeni ayisona isizinda sokutshala umnotho ngenxa yodlame.
Ngo-2021 ngesikhathi kuboshwa owayenguMengameli Jacob Zuma, nakhona kwabanezibhelu ezacekela phansi lezi zimboni.
Izimboni zakwaSithebe ziyikhaya ebeliqashe abantu abangaphezulu kuka-50 000.
Lezi zimboni zinomlando omude KwaZulu-Natal njengoba iNkosi uMangosuthu Buthelezi ayehlale ezishaya isifuba ngokukuthi ezinye zezinto azenzele umphakathi kwaba ukwakha izimboni ukuba zivule amathuba emisebenzi kubantu ngesikhathi sikaHulumeni wakwaZulu.
Kuthiwa nangesikhathi sezibhelu zabasebenzi ngesikhathi sikaHulumeni wakwaZulu, uMntwana (njengoba uButhelezi ebaziwa) wathi kunokuba zivalwe kungcono ukuba abantu bathole uhhafu wesinkwa.
UNtuli kubhekwe ukuba abenomhlangano ngoLwesihlanu lomhlaka-6 kuMandulo, bese ephinde ayohlola lezi zimboni ezasha.