Lubhalwe nguSihle Mavuso
Abafundi kuwo wonke amakhempasi oMfolozi TVET College sebezothola usizo emuva kokulamba cishe izinyanga ezintathu.
Lokhu kungemuva kokuthi i-National Student Financial Aid Scheme (Nsfas) izibophezele kubaphathi bekolishi ukuthi zonke izibonelelo ezikweletwa abafundi zizokhokhwa ekupheleni kwelanga lanamuhla.
Abafundi bakhala ngokuthi kusukela ngoNhlangulana kulo nyaka lesi sikhwama sibakhokhela u-R300 kuphela esikhundleni sika-R1 300 ngenyanga. Lokho kuholele ekutheni abafundi belambe kwaphazamiseka nezifundo.
Uhlelo lokufunda luphazamisekile, ikakhulukazi ophikweni lwaseShowe naseNkandla emuva kokuthi abafundi betelekile.
EShowe ubuholi be-SRC kudingeke ukuthi buphume buyocela uxhaso kumasipala wendawo ukuze abafundi bathole ukudla.
Ngemuva kwamasonto omdonsiswano, namhlanje isikhungo sithe i-Nsfas iyitshele ukuthi yonke imali ekweletwa abafundi izokhokhwa.
Okhulumela ikolishi, uBhekani Ndlovu uthe lesi sikhwama sibatshele ukuthi kube khona inkinga yezobuchwepheshe kanti lokho sekulungisiwe.
“I-Nsfas isitshele ukuthi kuzoshaya ihora lokuqala namuhla imali izobe isibonakala emabhange abafundi. Le mali izohlanganisa yonke ekweletwayo, okusho ukuthi abafundi bazothola u-R3,300,” kusho uNdlovu etshela i-Scrolla.Africa ebuzwa ngalolu daba.
UNobhala we-SRC, u-Olwethu Mdletshe, ukuqinisekisile ukuthi basanda kuxhumana nomasipala waseMlalazi ukuze bathole uxhaso lokuphakela abafundi ababulawa yindlala.
Uphinde waqinisekisa ukuthi batshelwe ukuthi yonke imali esele izokhokhwa namuhla.
“Udaba seluxazululiwe,” kusho uMdletshe.
Esithombeni ngenhla: UMfolozi TVET College ubhekane nezinselelo zezibonelelo.
Umthombo: Facebook