Author: N5

Abazali bavale izikole ngemuva kokuthi uMEC engazinaki izikhalo zabo

I-Eldorado Park School Governing Bodies Forum ikhiphe abafundi ezikoleni ngombhikisho ngemuva kokuthi uMphathiswa engabanaki.

UBroos weBafana kanye noNabi weChiefs babe nengxoxo bephuza ikhofi 

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos nomqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi, abahlala ebhilidini elilodwa, babe nengxoxo yobungani bephuza ikhofi.

Kubaleke umshayeli wetekisi obeboshwe ngozankosi 

"Amatekisi abedlula amile, abeshayeli behlika babesebehlasela amaphoyisa, bavumela umsolwa ukuthi akhululeke abaleke."

Kukhalwa ngemigulukudu yezinkawu ehlukumeza iziguli esibhedlela 

Kukhalwa ngezinkawu ‘eziyizigebengu’ ezihlalise lubhojozi iziguli esibhedlela saseThekwini iRK Khan.

Kushaqwe inhlamvu, insangu notshwala ngesikhathi kugaselwa izikole eNtuzuma 

Ukugasela okungalindelekile bekwenzelwa ukulwa nobugebengu obucekela phansi izikole zaseNtuzuma, eThekwini.

Uboshwe eyishumi umfundisi ngokweba amabhethri embhoshongo yenethiwekhi 

Ubehola iqembu elantshontsha amabhethri ombhoshongo yenethiwekhi yakwa-Vodacom no-MTN, bawalungise, bese bawadayisela abathengi abangazi lutho nge-inthanethi.

Idolobha lase-Ekurhuleni lizimisele ukubuyisela isimo sezimali esifunwa umcwaningimabhuku

"Ngokubambisana nomnyango wezezimali, sethule izindlela zokulungisa lesi simo."

I-ANC eKZN ixakwe inhlupheko yaxosha abasebenzi 

I-African National Congress KwaZulu-Natal isiphoqeleke ukuba idilize abasebenzi iphinde ivale amanye amahhovisi ngenxa yenhlupheko esibhekene nayo, edalwe ukuphunyukwa amandla okuphatha uHulumeni kulesi sifundazwe.

Isimo sibuyele kwesijwayelekile esikoleni saseLimpopo ngemuva kokuqubuka kwesifo se-bilharzia 

Kunokukhathazeka ngokuthi kungenzeka ukuthi lesi sifo siphuma emanzini e-borehole esikoleni noma emfuleni oseduze.

Bathembele emthandazweni ukuqeda ubugebengu obudlangile

"Kumele sithandazele izigebengu sizixolele ngoba zithonywa ububi. Sizoqhubeka nokhuleka kuze kube uNkulunkulu uyasizwa"

Abadlali bebhola besifazane baseNingizimu Afrika bagqama kakhulu kunabesilisa 

Ezemidlalo: Ukuthuthuka kwebhola labesifazane eNingizimu Afrika kuyinselelo eqondile emaqenjini e-PSL abesilisa njengoba kumele bazimisele kakhulu emiqhudelwaneni yase-Afrika, kubhala uMichael Madyira.

Recent articles

spot_img