Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Uphunyule ekuboshweni usomatekisi ngemuva kokuboshwa ngamaphoyisa ngesikhathi abanye abashayeli bamatekisi bephuthuma bezomsiza.
Kwividiyo esenkundleni yezokuxhumana, amaphoyisa omgwaqo abonakala ezama ukubopha umshayeli wetekisi ku-FW De Klerk Boulevard.
Umshayeli ubezama ukulwa njengoba amaphoyisa abemcindezela phansi. Iqembu labashayeli bamatekisi lasiza ukudonsa umshayeli.
Ngokuhamba kwesikhathi, umshayeli ubonakala ehamba eboshwe ozankosi esihlakaleni esisodwa.
U-JP Smith, uMMC wezokuPhepha nokuVikela, uthe amaphoyisa azamile ukubopha umshayeli ngezinsolo zokusebenzisa imoto enezincwadi zomginyathi (lisence disc).
“Amatekisi abedlula amile, abashayeli behla base behlasela amaphoyisa, umsolwa wakwazi ukubaleka,” kusho uSmith.
“Uphiko oluphenya ngezokuphepha edolobheni luyasibheka lesi sigameko futhi luzosilandela ukuze kutholwe umshayeli.
“Amaphoyisa ethu abhekana nalezi zinselelo nsuku zonke ngenkathi enza umsebenzi wawo wokuvikela izakhamizi. Yingakho idolobha lishintsha umthetho ukuze kuvunyelwe ukusebenza kahle kwezokuthutha umphakathi,” esho.
Isithombe esingenhla: Isithombe esithathwe kwividiyo.
Umthombo: Sithunyelwe