Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Umfundisi uMlotha Nelson Usale (59) wase-Malawi nongumholi we-Gods Chapel Church, ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi yasePitoli.
Utholwe enecala lokucekela phansi ingqalasizinda kanye nokukhwabanisa okubandakanya u-R150,000.
Phakathi kuka-2021 noNhlaba 2022, u-Usale ubehola iqembu elantshontsha amabhethri ezweni lonke kwimibhoshongo yenethiwekhi yakwa-Vodacom kanye no-MTN.
Ubelungisa amabhethri ukuze abukeke njengamabhethri elanga, awapende kabusha, bese ewadayisela abathengi abangazi lutho nge-inthanethi ngamabhizinisi mbumbulu abizwa nge-Solar Mart ne-Sun Shop.
Amabhethri antshontshiwe abelethwa kumakhasimende kusetshenziswa izinsiza ze-ride-hailing.
Lobu bugebengu bavela ngesikhathi ikhasimende lithenga ibhethri eyayingasebenzi. Ngemuva kokulikhombisa umngani walo, ikhasimende labona ukuthi bekuyibhethri le nethiwekhi entshontshiwe labe selibikela amaphoyisa.
Lokhu kuholele ekuboshweni kwamanye amadoda amabili, abe esekhombisa amaphoyisa indawo yokugcina impahla e-Midrand lapho kutholwe khona amabhethri ebiwe angu-53.
U-Usale wabalekela e-Malawi kodwa waboshwa ngomhlaka-25 kuMasingana ngesikhathi ezama ukweqa umngcele ebuyela eNingizimu Afrika.
Ulivumile icala enkantolo wathi uzokhokha inhlawulo ka-R200,000, kodwa umshushisi, u-advocate Tholoana Sekhonyana, uthe amacala akhe mabi kakhulu ukuthi angahlawuliswa.
Ijaji ligxeke u-Usale ngokuzama ukuvika ijele lathi uye wahlukumeza iNingizimu Afrika.
Osesithombeni ngenhla: Umfundisi uMlotha Nelson Usale.
Umthombo: Facebook