USihle Mavuso ukulethela kafushane ezinohlonze esifundazweni.
EThekwini – Umkhandlu kaMasipala weTheku usujube imenenja yeTheku, uMusa Mbhele, ukuthi ithathele izinyathelo amasekela akhe amabili, uDkt Musa Gumede noSipho Cele, ngokwephula umgomo kamasipala wokuqasha. Lokhu kungemuva kokuthi kutholakale ukuthi uGumede noCele baqoke uRose van Heerden njengenhloko yophiko lwezempilo edolobheni nakuba engenazo iziqu ze-MBChB noma i-NFQ8 yezempilo ezidingekayo kulesi sikhundla.
EBabanango – Sesinyuke safinyelela kwabathathu isibalo sabantu abashonile esigamekweni sokuhlaselwa komndeni wakwaSibiya eBabanango oLundi. Lokhu kungemuva kokuthi ilungu lesithathu lomndeni lishonele esibhedlela izolo ebusuku. Umndeni wakwaSibiya uhlaselwe ngamadoda angaziwa ngeSonto, kwadutshulwa amalungu amabili omndeni kufunwa uyise. Amanye amalungu omndeni asindile kulesi sigameko kodwa asale namanxeba.
E-Dannhauser – UMasipala wase-Dannhauser usuqale inqubo yezomthetho yokuthola izincwadi zokuthi kuxoshwe izinkampani ezasayina isivumelwano sokusebenzisa amapulazi ngo-2020 kodwa zahluleka ukukhokha irenti yonyaka iminyaka emithathu. Lezi zinkampani sezikweleta umasipala izigidi zerenti engakhokhiwe. Kuthiwa enye yezinkampani yavumela abanye abaseceleni ukuthi bakhe isithabathaba somuzi kwelinye lamapulazi angaphansi kukamasipala.
OLundi – AbakwaButhelezi eMahlabathini oLundi bazokwenza umcimbi wehlambo ngoMgqibelo emzini kaMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho. Lo mcimbi ozokwenziwa esigodlweni saKwaPhingangene, eNkonjeni, uzobe ungelinye lamasiko okugcina ukwenziwa njengengxenye yokuzilela uButhelezi, odlule emhlabeni ngoMandulo nyakenye eneminyaka engu-95. Kulindeleke ukuthi amabutho kaZulu abambe elikhulu iqhaza kulo mcimbi ozoqala ngohambo lokuzingela.
Eshowe – UMasipala waseMlalazi usuzibophezele ukusebenzisana neminye iminyango kahulumeni ukusiza abantu bakuleli ukuthi babe ngabadayisi abancintisanayo beziphaza zezigidi zamarandi kule ndawo futhi bagcine sebelawula lo mkhakha ukwedlula abantu abavela emazweni angaphandle. Ukufeza lokhu, umasipala uzoxhasa ngezimali, ukuqeqeshwa, nezinye izinhlobo zokweseka okuqhubekayo kubantu bendawo. Lokhu kushiwo yimeya, uQueen Xulu, ngesikhathi ehlangene nabanikazi beziphaza eShowe ngoLwesithathu.
Osesithombeni ngenhla: UDkt Musa Gumede ongomunye okhonjwa ngeminwe ekuqashweni kwesikhulu kuMasipala iTheku nakuba singenazo iziqu.
Umthombo: Facebook