Bathembele emthandazweni ukuqeda ubugebengu obudlangile

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Izakhamizi zase-Jukulyn e-Soshanguve zihlangane ndawonye ngoLwesithathu embuthanweni womkhuleko, zinethemba lokunciphisa izinga lobugebengu endaweni yazo. 

Lomkhuleko  obuse-Jukulyn Hall Block X ubuhlelwe ngabaxhumanisi bobugebengu bomphakathi bamaphoyisa, amabandla endawo, kanye nomphakathi.

I-Jukulyn yaziwa njengelokishi eliyingozi. Esigamekweni sakamuva, isigebengu esaziwayo u-Obed Shumba obebuye aziwe ngelikaNotsi, udutshulwe wabulawa ngomhlaka-20 kuNcwaba. 

Lokhu kulandela uchungechunge lokugetshengwa kwezindlu, ukudunwa kwezimoto, nokusebenzisa izidakamizwa endaweni.

UTebogo Raseroka oyisakhamuzi ewadini lesi-27 uthe bahlalele ovalweni ngenxa yobugebengu obenzeka mihla namalanga.

“Siyazi ukuthi obani abadayisa izidakamizwa nabenza lobu bugebengu, kodwa siyesaba ukubika ngoba amaphoyisa angase adalule amagama ethu,” kusho yena.

“Umthandazo ukuphela kwethemba lethu. Siyesaba uma sizwa ukuqhuma kwesibhamu. Siyazi ukuthi kukhona obulewe.”

URaseroka ukholelwa ekutheni ngumthandazo ongenza i-Jukulyn ibe indawo ephephile.

Uphakamise ukuthi wonke umuzi kufanele ube nempempe yokuxwayisa omakhelwane uma kwenzeka ubugebengu.

Umfundisi uKhoza ukhulume kulo mcimbi waxoxa ngokubaluleka komkhuleko nokuxolelana ukuze kunqotshwe ubugebengu. 

“Kumele sikhulekele izigebengu, sizixolele ngoba ziholwa ububi. Sizoqhubeka nokukhuleka kuze kube uNkulunkulu uyasizwa,” kusho uKhoza.

ULebohang Manamela, owake wenza amacala anyantisayo njengokubulala nokubamba inkunzi ehlomile futhi manje osengumfundisi, naye ubehambele lo mcimbi. 

Uchaze ukuthi isikhathi asichitha ejele samshintsha kanjani. 

“Ngiyazisola ngakho konke okubi engikwenzile. Umthandazo wangisindisa, futhi ngikholelwa ekutheni ungashintsha nezinye izigebengu,” kusho uManamela.

ULieutenant-Colonel Jonas Masotla, umkhuzi wamaphoyisa esifundeni sase-Tshwane, uthe umphakathi uhlela ukwenza lo mcimbi njalo. 

“Sifuna ukuhambela yonke imiphakathi eyakhele i-Jukulyn ukuze sikhombise izigebengu ukuthi silapha futhi sibambisene nezakhamizi,” usho kanje.

Esithombeni esingenhla: Umcimbi womkhuleko.

Umthombo wesithombe: Sbongile Nonyana

Izihloko zakamuva