Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uveze ukuthi usanda kuphuza ikhofi, waba nengxoxo nomqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, okumenze wamazi kangcono lo mqeqeshi wase-Tunisia.
UBroos uthe bahlala ebhilidini elilodwa.
“Ngesikhathi ngibuya e-Belgium, bengingazi ukuthi uhlala ebhilidini engihlala kulo.”
“Omunye wabadlali beKaizer Chiefs uze kimi wathi, ‘umqeqeshi uNabi ucela ukukhuluma nawe.
UBroos ubehlezi ephuza ikhofi, kanjalo noNabi, ngakho wakhuluma naye.
UBroos uthe uhlabeke umxhwele ngoNabi nomsebenzi wakhe kuKaizer Chiefs, nakuba iqembu lisazodlala umdlalo wokuncintisana kule sizini.
“Impela ungumqeqeshi okahle kakhulu,” kusho uBroos. “Ngicabanga ukuthi uyabona ukuthi okwenzeka kuChiefs kuhlukile.
“Ucabanga njengomqeqeshi wase-Europe. Uyayazi into ayifunayo, futhi kungase kube lula kuyena ukuzuza lokho akufunayo kuChiefs. Akulula ukuba ngumqeqeshi weChiefs.”
Lezi zinkunzi zase-Soweto zisanda kuhlulwa kweminye imidlalo yobungani esezingeni eliphezulu, okubalwa kuyo ukuhlulwa yiYoung Africans ngo 4-0 ku-Toyota Cup nokuhlulwa yiTS Galaxy ngo 3-0.
Nokho, uBroos uyawethemba amakhono kaNabi.
“Ngike ngasho phambilini. Akuvamile ukuthi iqembu elifana neChiefs libe endaweni yesikhombisa noma yesishiyagalombili kulo mqhudelwano. Akusiyo into enhle ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ngakho ngiyethemba ukuthi iChiefs izobuyela esimweni ngesizini ezayo ukuzolwa neSundowns, iPirates, mhlawumbe neSuperSport noma iStellenbosch. Mhlawumbe sizoba namaqembu amahlanu noma ayisithupha alwela isicoco somncintiswano webhola.”
UBroos uthe kungaba ngcono kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika uma kungelona iqembu elilodwa elibusayo njalo njengaseminyakeni emihlanu edlule.
Njengoba uBroos engumqeqeshi weBafana, abadlali beChiefs bathwala kanzima ukuth bathole izindawo eqenjini lesizwe.
Esithombeni ngenhla: Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Umthombo: Kaizer Chiefs
