Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kukhalwa ngezinkawu ‘eziyizigebengu’ ezihlalise lubhojozi iziguli esibhedlela saseThekwini iRK Khan.
Kuthiwa lezi zinkawu zithatha izikhwama zeziguli, zigxuma gxume phezu kweziguli ezibangwa nezibi zidonse namadriphu.
Kumanje kuthiwa uvalo olukhulu elokuthi zizosabalalisa izifo zezilwane zasentabeni ezingalapheki kubantu.
Kuleli sonto esinye seziguli sifake ividiyo ezinkundleni zokuxhumana lapho bekuvela izinkawu zisegumbini labagula kakhulu, zigijima phezulu emigibeni zithatha nezijumbana zopulastiki ananokudla nezimpahla zokugqoka zeziguli.
Lapho iziguli bekubonakala ukuthi kunzima nokuvusa amakhanda ngenxa yokuba sezinhlungwini.
Esinye seziguli zakhona esibhedlela iRK Khan sizwakala sibabaza ngokwethuka sithi “hhayi bo, hhayi bo Jehova, hhawu ngeke, weeeee!!!.”
Kwenzeka lokhu nje inyunyana i-National Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) isikhale kakhulu ngale migulukudu yezinkawu ukuthi azithathwa ngani ziyogcinwa lapho okufuywa khona izilwane zasendle.
UNobhala we-Nehawu KwaZulu-Natal uMnuz Ayanda Zulu uthe ngo-2023 bake babhikisha bekhala ngalezi zinkawu.
“Ngonyaka odlule sigcine sesiba nombhikisho sikhalazela ngokuthi i-SPCA kungani ingalandwa ukuze ingenelele,” kubalisa uZulu.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uMnuz Nathi Oliphant uthe usalinde imininingwane egcwele esibhedlela ukuze akwazi ukuphawula.
Nokho kushaye isikhathi sokushicilela engakabuyi.
