Kushaqwe inhlamvu, insangu notshwala ngesikhathi kugaselwa izikole eNtuzuma 

Lubhalwe nguSihle Mavuso

Inhlamvu, inqwaba yensangu, amaphilisi okulwa nokhwantalala kanye nemithi yokukhwehlela, ngezinye zezinto eziyingozi ezishaqwe ngesikhathi kugaselwa izikole ezimbili elokishini eliseNtuzuma enyakatho yeTheku namuhla.

Iforamu yomphakathi yaseNtuzuma kanye namaphoyisa kamasipala weTheku bagasele ezikoleni zamabanga aphezulu ePhembisizwe   naseMandlenkosi.

UMnuz Andile Jali, onguSihlalo weforamu, uthe bashaqe inhlamvu kumfundi, amabhodlela otshwala, izibuko nomakhalekhukhwini esikoleni samabanga aphezulu ePhembisizwe.

“Izibuko zithathwe ngoba zisetshenziswa uma kuliwa. Omakhalekhukhwini basetshenziswa uma kuliwa bafonele nezigebengu ukuthi zizobamba inkunzi othisha,” kusho uJali.

Esikoleni samabanga aphezulu eMandlenkosi, iforamu ithole umfundi oyedwa ephethe insangu nezibuko, amaphilisi e-Zain okulwa nokhwantalala kanye nemithi yokukhwehlela.

“Siholelwe kowesifazane odayisa insangu, wadonswa ngendlebe ukuthi ayeke ngemuva kokuthi athi ngabantu abadala abayithenga kuyena bese bona beyinika abafundi,” kusho uJali.

Uthe abafundi basebenzisa amaphilisi nemithi yokukhwehlela ukwenza utshwala obungekho emthethweni obubizwa “incika” – okuyingxube yalezi zinto neziphuzo ezibandayo.

UJali uthe lokhu kugasela kungenhloso yokuqeda ubugebengu obudla lubi ezikoleni kule ndawo ngemuva kokudutshulwa kukathisha wesikole samabanga aphansi iPhikiswayo, uDudu Khumalo (46) phambi kwabafundi ngenyanga edlule.

Esithombeni ngenhla: Ezinye zezinto ezitholwe ngesikhathi kugaselwa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva