Isimo sibuyele kwesijwayelekile esikoleni saseLimpopo ngemuva kokuqubuka kwesifo se-bilharzia 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Isimo sibuyele kwesijwayelekile eMalwandla Primary School e-Petenenge Village, e-Limpopo, ngemuva kokubheduka kwesifo se-bilharzia. 

U-Amanda Mondlane, usihlalo wesigungu esilawula isikole, uthe bonke abafundi abangu-127 abatholakale benalesi sifo sebeluleme futhi sebebuyele emakilasini.

Ukuqubuka kwalesi sifo kutholwe ngesikhathi abahloli boMnyango wezeMfundo bebona amachaphazelo egazi endlini yangasese yabafana ngesikhathi bevakashele isikole njengenjwayelo. 

Batshele isikole ukuthi sihlole abafundi ukuthi abanaso yini isifo se-bilharzia, isifo esibangelwa yizimuncagazi ezitholakala emanzini ahlanzekile. 

Izimuncagazi zingena esikhunjeni somuntu ukuze zingene emgudwini wegazi bese zidlulela esibindini, emathunjini nakwezinye izitho zomziba.

Izimpawu zihlanganisa ukuqubuka, isikhumba esilumayo, umkhuhlane, ukugodola, ukukhwehlela, ikhanda elibuhlungu, ubuhlungu besisu, ubuhlungu bamalungu omzimba, nobuhlungu bemisipha.

Kunokukhathazeka ngokuthi kungenzeka ukuthi lesi sifo siqhamuka emanzini emigodi yesikole noma emfuleni oseduze wase-Richidzelo. Nakuba abantu bevame ukubhukuda futhi bawashe izingubo nezimoto lapho, kusuke kungcoliswe yindle. 

Nokho, uMondlane uthe balinde imiphumela yokuhlolwa kwamanzi ngaphambi kokuqinisekisa abakucabangayo.

UMnyango wezeMpilo e-Limpopo welaphe bonke abafundi abangenwe yileli gciwane, kanti akukho okubucayi. 

Kunokukhathazeka ukuthi lesi sifo singase sihlasele ezinye izikole ezimbili kulesi sigodi njengoba zisebenzisa amanzi aphuma kuwo lo mfula ongcolile. 

UMondlane unethemba lokuthi uMnyango wezeMpilo uzohlola ngokufanayo abafundi kulezi ezinye izikole ukuze kunqandwe okunye ukubhebhetheka.

Yize kuqubuke lesi sifo, uMondlane ukuqinisekisile ukuthi isikole siqhuba kahle futhi bonke abafundi benza kahle.

Esithombeni ngenhla: Isikole samabanga aphansi iMalwandla.

Umthombo: Uthunyelwe 

Izihloko zakamuva