Ezemidlalo

Umshayi wesibhakela ushiye umdlalo obusulungiselelwe wayongenela umcintiswano e-Russia

I-Boxing yaseNingizimu Afrika isale ishaqekile ngengathi umpetha we-WBA pan African bantamweight uSabelo Ngebiyane eshiya umdlalo obusulungiselelwe ngesonto eledlule waya kumncintiswano wase-Russia wesibhakela.

Ukudayiswa kwe-Bloemfontein Celtic kushiye abalandeli base-Free state bengenalo iqembu

Abadlali be-Bloemfontein Celtic batshelwe usihlalo wabo ukuba baqoqe izimpahla zabo balibangise KwaZulu-Natali ngoba isifundazwe sase-Free State asisenalo iqembu kwi-Premier Soccer League(PSL).

Iphupho lakhe lokuba umuntu wokuqala wesifazane oqhamuka e-Afghan ukungenela imincintiswane yabantu abakhubazekile angeke lisaphumelela

U-Zakia Khudadadi ubezoba ngumuntu wokuqala wesifazane oqhamuka e-Afghanistan ukungenela umcintiswano wabantu abakhubazekile, kodwa angeke lisafezeka lelo phupho njengoba izwe lakhe linezinkinga.

Umsubathi okhubazekile uboshelwe ukushaya unogada wasehhotela

Umsubathi wase-Georgia okhubazekile usolwa ngokuhlasela unogada wasehhotela ngemuva kokuba osebenza ehhotela ebacele ukuba behlise umsindo ngenkathi benza umcimbi wokuzijabulisa egumbini lakhe e-Tokyo.

Sascoc, musani ukuba yiqembu labangaphumeleli

Ngesikhathi owayenguNgqongqoshe wezeMidlalo uFikile Mbalula ehlambalaza iBafana Bafana futhi eyibiza ngokuthi “yinqwaba yabangaphumelelanga” ngokuphuma ku-Africa Cup of Nations ngowezi-2014, wagxekwa kakhulu.

Abadlali abathathu bebhola base-Vancouver bahlaselwe ngokobuhlanga

Iqembu le-Major League Soccer (i-MLS) i-Vancouver Whitecaps ikuqinisekisile ukuthi abadlali bayo abathathu bahlaselwe embuthanweni ongaphandle ngokobuhlanga.

UMengameli wase-Rwanda uthi abalandeli be-Arsenal bafanelwe okungcono

UMengameli wase-Rwanda, uPaul Kagame, usegxeke i-Arsenal ngokuhlulwa kwayo ngosuku lokuvula bedlala ne-Brentford esanda kukhushulelwa kwi-English Premier League.

Owayengumdlali we-Rugby ugwazwe ngesikhathi kuphangwa ekhaya lakhe

Umqeqeshi omkhulu we-Tonga, uToutai Kefu, usasesimeni esibucayi ngemuva kokugwazwa ngesikhathi kubanjwa inkunzi ekhaya lakhe.

UZinnbauer usule esikhundleni sakhe ku-Pirates

Ngemuva komhlangano nosihlalo weqembu le-Orlando Pirates, uDkt Irvin Khoza, umqeqeshi omkhulu waleli qembu, uJosef Zinnbauer, usesulile esikhundleni sakhe.

UPhumelela Mbande, iphini likakaputeni waseNingizimu Afrika usebenzisana nohulumeni ukuthuthukisa i-Hockey

Njengoba ebemele iNingizimu Afrika eMidlalweni Yama-Olympic yase-Tokyo, uPhumelela Mbande unxusa uhulumeni ukuthi agxile ekuthuthukiseni i-Hockey ezindaweni zasemakhaya.

Recent articles