Ezemidlalo

Uma ufuna into enhle hamba uyobuka ifilimu

Umdlalo webhola lombhoxo uyafana neminye imidlalo, akuhlezi kukuhle.

U-Osaka uthembise ukunikela ngemali azoyithola kumqhudelwano ukusiza i-Haiti esale dengwane ekuzamazameni komhlaba

Umdlali we-Tennis uNaomi Osaka ufisa ukunikela ngemali azoyithola e-Western&Southern open ukweseka izwe lase-Haiti esikhwameni abasakhe ngemuva kokuzamazama komhlaba.

Umsubathi ulandelele umkhondo wowesifazane owamkhokhela imali yokugibela itekisi esendleleni eya kuma-Olimpiki

Ngenkathi umsubathi wase-Jamaica uHansale Parchment ephuthelwa ibhasi lakhe eliya emdlalweni wakhe wamanqamu we-110m hurdle, owesifazane othile wamkhokhela imali yokugibela itekisi lokumyisa endaweni, lapho agcine ngokuwina khona indondo yegolide yama-Olimpiki.

Ibhola libuyile futhi umhlaba uzizwa ukahle futhi!

Akunakuphikwa ukuthi i-English Premier League iyiligi yebhola likanobhutshuzwayo ethandwa kakhulu emhlabeni, njengoba izigidigidi zababukeli emhlabeni wonke zithe njo komabonakude.

IMeya ilume indondo yegolide yomsubathi wama-Olimpiki wase-Japan

Iqembu lebhola lezinyawo labesifazane lase-Japan liwine igolide lama-Olimpiki, okubalwa kubo noMiu Goto.

Amaqembu amathathu ahamba phambili azodlala kulempelasonto

Bonke abashisekeli bebhola bakulindele ngokulangazelela ukubuya kwe-DStv Premiership 2021/22 - ikakhulukazi labo abeseka i-Kaizer Chiefs, i-Orlando Pirates ne-Mamelodi Sundowns; amaqembu abizwa nge-"Big Three" ebholeni laseNingizimu Afrika.

Umdlali odumile uMessi usesayine inkontileka nelinye iqembu

ULionel Messi ngokusemthethweni useziqedile izinhlelo zokuthi ayodlalela i-Paris Saint Germain ngemuva kokuba asayine inkontileka naleli qembu.

Kungenzeka awabeke phansi amakhokho uSimphiwe Tshabalala

USimphiwe Tshabalala udume ngokushaya igoli elangena phakathi enethini kwi-Fifa World Cup. Uphinde abe ngumdlali onesipiliyoni sokudlala phesheya. Kodwa lo mdlali owayedlalela iBafana Bafana uSimphiwe udedelwe iqembu lamaZulu FC futhi kubukeka sengathi uzowabeka phansi amakhokho.

Umshayisibhakela ongumbaleki onqatshelwe ukuphinde angene e-Trinidad & Tobago uthole enye indawo yokukhosela

U-Eldric Sella, umshayisibhakela obemele i-Refugee Olympic Team emidlalweni yase-Tokyo, uthe uzothuthela e-Uruguay njengoba engakwazi ukubuyela e-Trinidad & Tobago lapho akade ehlala khona.

UNgqongqoshe wezemidlalo wase-Nigeria uyaxolisa ngehlazo lesizwe emidlalweni yase-Tokyo

Kwakungekhona nje ukuntuleka kwezindondo. Abasubathi abayishumi base-Nigeria nabo bakhishwe emidlalweni yama-Olimpiki e-Tokyo kwathi oyedwa owafinyelela kowamanqamu kwadingeka ukuthi awashe ijezi lakhe.

Recent articles