Uma ufuna into enhle hamba uyobuka ifilimu

Lucky Sithole

Umdlalo webhola lombhoxo uyafana neminye imidlalo, akuhlezi kukuhle.

Ukuthi ama-Springboks adlale kahle ibhola lombhoxo lowo ngumbuzo kulabo abafisa ukuthola amaphuzu sengathi umncintiswano wokuzivocavoca. Amaphuzu amane okwenza, amaphuzu ayisithupha endlela oziphethe ngayo kanye nephuzu elilodwa lokumamatheka okuhle.

 Uma uthatha ukubheka ama-Springbok ahlulwe kuyoyonke imidlalo, kodwa ngabe bekungajabulisi yini ukubona indlela abebephaselana ngayo kwithuba abalitholayo? Uyibonile indlela abazame ngayo ukuthola amaphuzu?

U-AlunWyn Jones indoda yezemidlalo kuzozonke izindawo ukhulume ngokubaphoxile ngemuva kokuzama kathathu ngesonto elidlule. Uphinde wathi baningi abantu emhlabeni abenza kabi kunathi. Kuningi ekumele sikubonge. Kuyisilinganiso sendoda.

Kodwa-ke ukhona abanye ochwepheshe. Labo abagxeka i-Springbok ngokungadlali kahle engathi uWarren Gatland uyena owasungula isitayela sokudlala.

Kuyinto elula kunoma yimuphi umudlalo. Awuwushintshi umdlalo onqotshwayo. Kulele koqhudelana naye ukuthi benze ompetha badlale umdlalo ohlukile.

Njengamanje bonke abadlali be-All blacks sebephakamise isithunzi se-Springbok benza ibhola lomboxo laba mnandi njengoba besho njalo.

Iqiniso lithi umdlalo phakathi kweNingizimu Afrika iqhudelana ne-Argentina ubungemnandi njengomdlalo obuphakathi kwe-kiwis idlala ne-Wallabies.

Siyanibongela, badlali be-All blacks. Nibukeka nibahle uma niwina ngamaphuzu angama-50.

Sizobona ukuthi nibukeka nibahle kanjani uma seniqhudelana neqembu elikugijimisela imali yakho nokunqoba kusho umphetha webhola lombhoxo.

Izihloko zakamuva