Kungenzeka awabeke phansi amakhokho uSimphiwe Tshabalala

Linda Ximba

USimphiwe Tshabalala udume ngokushaya igoli elangena phakathi enethini kwi-Fifa World Cup. Uphinde abe ngumdlali onesipiliyoni sokudlala phesheya. Kodwa lo mdlali owayedlalela iBafana Bafana uSimphiwe udedelwe iqembu lamaZulu FC futhi kubukeka sengathi uzowabeka phansi amakhokho.

USimphiwe oneminyaka engama-36 odlala esiswini eqenjini uhlulekile ukudlalela amaZulu eThekwini ngemuva kokuba bamusayinise inkontileka ngoba benethemba lokuthi uzoba umpetha kuleli qembu labo.

Kungenzeka avele kanye ku-Usuthu elisanda kungeni kwi-CAF Champions League. Wangena eqenjini lamaZulu ngemuva kokushiya iqembu lase-Turkish i-BB Erzurumspor.

Ukaputeni wamaZulu uSandile ukuqinisekisile ukuhamba kukaSimphiwe Tshabalala.

Yebo iqiniso angeke asaligqoka ijezi lethu njengoba kuzoqala isizini entsha. Isizathu salokho ingoba akekho ezinhlelweni zomqeqeshi wethu futhi simufisela ikusasa eliqhakazile kusho uZungu.

UJazzman Mahlakgane oyi-agent angeke akuveze ukuthi ikusasa likaTshabalala limi kanjani. Umthombo wethu uthole ukuthi angeke uSimphiwe acabange ukuyoba umqeqeshi.

AmaZulu kulezi nsuku abeveza isikwadi sabo ukuthi kungaba owayedlalela i-Chiefs esiswini u-Keagan Buchanan, owayedlalela i-Maritzburg United uMxolisi Kunene, owayengukaputeni weqembu laseNngizimu afrika u-Tercious Malepe kanye nowayedlalela i-Chiefs odlala isayidi lesandla sobunxele uPhilani Zungu.

Iqembu lilindeleke ukuba lenze isinqumo ngo Justin Shonga ongadlaleli muntu ngemuva kokushiya i-Cape Town City emasontweni adlule kanye noPule Ekstein ubesezincwadini ze-Azerbaijani Sabail Fk.

Izihloko zakamuva