Dylan Bettencourt
ULionel Messi ngokusemthethweni useziqedile izinhlelo zokuthi ayodlalela i-Paris Saint Germain ngemuva kokuba asayine inkontileka naleli qembu.
Lo mdlali oqhamuka e-Argentine ufike e-Paris ngoLwesibili ukuze ahlolwe isimo sakhe sempilo aphinde asayine inkontileka yeminyaka emibili. Bekukhona nesikhala sokuthi kungenzeka ahlale nabo futhi iminyaka emithathu, njengoba lo mdlali ezothola imali eyizigidi ezi-500 ngonyaka.
Obedlalela i-Barcelona nosewine i-Balon D amahlandla ayisithupha usayine inkontileka ezomukhokhela izigidi ezi-500 waphinde wanikezwa inombolo ezoba sesikibheni sakhe unombolo-30. Abantu bathi uNeymar bekumele anikeze uMessi unombolo-10 kodwa wakhetha inombolo angena ngayo kwi-Barcelona eminyakeni eyi-18 edlule.
Ngijabulile kakhulu ngohambo engizoliqala lokudlalela i-Paris Saint-Germain. Yonke into ngaleli qembu ihambisana nezinhloso zami zebhola. Ngiyayazi indlela abanethalente ngayo abadlali bakuleli qembu nangendlela abaqeqeshwa ngayo kusho uMessi.
Ngizimisele kakhulu ukusiza nokwenza into ezoyisa phambili iqembu nezojabulisa abalandeli futhi sengihluleka nokulinda ngijahe ukuthi siyodlala enkundleni yase-Parc des Princes.
UMessi uzokhuluma nabezindaba okokuqala ngqanjengelungu le-PSG ngo-11am CAT.
Abalandeli bebhola nomhlaba wonke selokhu bamazi uMessi bamazela kwi-Barcelona, kodwa ngezinkinga zemali iqembu alikwazanga ukumugcina. UMessi uvalelise kwi-Barcelona ekhuluma nabezindaba wathi yena neqembu bazame ngakhokonke ukuthi angahambi e-Spain kodwa-ke shuthi bekungadaliwe.
Usazoba nengcindezi enkulu uMessi oneminyaka engama-34 ngoba bonke abantu babheke yena ukuthi uzobe edlala ngendlela abedlala ngayo yini kwiqembu lakhe elidala. Uma ehluleka ukudlala ngendlela abedlala ngayo idumela lakhe lingaba sengozini.
Ujabule kakhulu usihlalo uNasser AL-Khelafi njengoba uMessi ezongena kwi-PSG, uthe ngijabule kakhulu ukuthi uMessi usekhethe ukuza kwi-Paris Saint-Germain siyaziqhenya kakhulu sijabule futhi siyamamukela yena nomndeni wakhe.
UMessi angaqala ukuvela ngoMgqibelo njengoba i-PSG izoqhudelana ne-Strasbourg kwi-League yokuqala.
Umthombo wesithombe: @PSG_English