Dylan Bettencourt
Umdlali we-Tennis uNaomi Osaka ufisa ukunikela ngemali azoyithola e-Western&Southern open ukweseka izwe lase-Haiti esikhwameni abasakhe ngemuva kokuzamazama komhlaba.
Kungiphatha kabi ukubona isimo abadlula kusona e-Haiti kusho umpetha we-grand slam osewine amahlandla amane ophinde abe nobaba ohlala e-Haiti ebhala ku-Twitter.
U-Osaka uzonikela ngawo wonke umholo wakhe ukunciphisa lobu buhlungu ababhekene nakho.
E-Haiti kuzamazame umhlaba ngobukhulu obungu-7,2 ngoMgqibelo, kwashona abantu abangama-724 bese kuthi abangamakhulu balimele kakhulu.
Isizwe sama-Caribbean sinomlando omude wokuba nezinhlekelele zemvelo. Lokhu kuzamazama komhlaba kuwise amasonto, izikole, amahhotela kanye nemizi yabantu.
U-Osaka oneminyaka engama-23 umele i-Japan lapho umawakhe azalelwa khona.
Uvame ukusebenzisa izinga lakhe ukuqwashisa ngezinkinga zomphakathi. Kwi-US Open ngowezi-2020, u-Osaka wayegqoke isifonyo esiveze izithombe zabantu abahlukunyezwa udlame lwamaphoyisa.
Umthombo wesithombe: @VanityFair