IMeya ilume indondo yegolide yomsubathi wama-Olimpiki wase-Japan

Dylan Bettencourt

Iqembu lebhola lezinyawo labesifazane lase-Japan liwine igolide lama-Olimpiki, okubalwa kubo noMiu Goto.

Kodwa eyakhe kuzofanele yenziwe kabusha ngemuva kokuthi iMeya yedolobha langakubo lilume indondo.

Abezinkundla zokuxhumana bathukuthele bagana unwabu ngalesi sehlakalo, bathi iMeya idelele yonke imithetho ye-Covid-19 ngokukhipha isifonyo sayo ukuze ilume indondo yegolide.

UGoto ngeke akwazi ukugcina le ndondo elunyiwe ngemuva kokuthi i-International Olympic Committee (i-IOC) iqinisekise ukuthi izomthumelela entsha.

Umhleli we-Tokyo 2020 uthe: “Ngokuxhaswa yi-International Olympic Committee futhi ngokuhambisana nenhloso yakhe, indondo kaNks Goto manje izoshintshwa ngenye entsha.”

UTakashi Kawaruma, iMeya yedolobha lase-Japan i-Nagoya, uphinde wagxekwa yi-Toyota Motor Corp engabanikazi beqembu lasekhaya elidlalelwa uGoto.

Abasebenzisi be-Twitter banengekile ngezenzo zemeya, ikakhulukazi njengoba abantu abatheleleka nge-Covid-19 e-Japan beqhubeka nokwanda.

UKawaruma uxolisile ngalesi sigameko bukhoma kumabonakude wathi: “Ngikhohlwe isikhundla sami njengemeya yase-Nagoya futhi ngenza ngendlela engafanele neze. Ngazi kahle ukuthi kufanele ngicabange ngalokho”.

I-IOC izobhekana nezindleko zokunikeza uGoto indondo entsha, ngoba indondo yakhe elunyiwe kumele ibuyele eKomidini Lama-Olimpiki.

Umthombo wesithombe: @Reuters

Izihloko zakamuva